ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini
Image: Siphamandla Mbhele/ KZNSAC
ISILO samabandla onke, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sibabaza ubuthatha ezintombini zakuleli ezikhetha ukuqoma abokufika.
IMbube ithe ukuqoma kwezintombi zakuleli abantu bokufika yikhona okuholele ekutheni abakuleli begcine sebebhekana ngeziqu zamehlo nabokufika esikoleni samabanga aphansi, i-Addington Primary, kubangwa izikhala zokufunda.
Ikusho lokhu ngesikhathi yethula inkulumo eMkhosini waseSandlwana.
Sishubile isimo e-Addington Primary School njengoba izinhlangano eziphikisana nabokufika, iMarch and March ne-Operation Dudula ziba nemibhikisho ngaphandle kwesikole zikhala ngokuthi izingane zabantu bakuleli ziswele izikhala zokufunda ekubeni kulesi sikole kugcwele izingane zabantu bokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli.
IMbube ithe akukuhle okwenzeka e-Addington Primary.
"Lokhu okwenzeka lapha e-Addington, eyi siyalimala lapha kodadewethu. Kothiwani ngoba phela sekukhona abashana bethu."
INdlulamithi yamakhosi ithe kusafanele luhlalelwe phansi lolu daba.
"Kufanele sikhulume ukuthi sikuthini lokhu ngoba noma ngabe umshana wami uzalwa umuntu wokufika, akahambe asale umshana wami, uma kumele kube njalo."
IMbube ithe izinsizwa zikaZulu nazo kufanele ziqonywe kwezinye izizwe.
"Zulu omnyama siyakudinga ukuthi sakhe ubuhlobo nezinye izizwe siwuZulu, singalwi. Ake niyoqonywa nje butho likaZulu, niyoqonywa amaVenda khona la ekhaya. NaseZimbabwe kwelikaMzilikazi, bangamaZulu, ningakukhohlwa lokho. Singawulimazi umlando. OSoshangane, eSwatini. Engani namlanda umfazi eSwatini, namlobola nonke, yini manje?"
ISilo sinxuse uZulu ukuba ungazithatheli umthetho. Sithe abanezikhalo kufanele beze kusona.
"Ngiyanithembisa ukuthi ayikho impi esizoyiqala. Sizokhuluma nje nabo ukuthi sukani la. Hheyi akekho umuntu ongenalo ikubo."
IMbube ithe izokhuluma kahle ngalolu daba uma sekuqedwe yonke imikhuba egcinwayo ehambisana noMkhosi woSelwa.
IMbube iphinde yakhuza ukungena ngomkhono nesiphanga kweminyango kahulumeni emikhosini yaseNdlunkulu.
"Lo mcimbi esikuwo namhlanje akuwona umcimbi kahulumeni. Wayengekho uhulumeni ngesikhathi uJininindi ephaka le mpi. Kwakukhona uZulu la. Manje uhulumeni akangagagxeli ngoba nakhu ephethe imali, thina singenamali."
Related Topics: