Robert McBride
Image: Armand Hough / Independent Newspapers
OWAYEYISIKHULU sophiko oluqaphe ukusebenza kwamaphoyisa, i-Ipid, uMnuz Robert McBride, usenemibuzo eminingi ngokungayi emngcwabeni kukaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, emngcwabeni womphenyi we-Ipid owayengumngani wakhe.
UMcBride uthe namanje usazibuza ukuthi kungani uMkhwanazi engazange aye emngcwabeni kaMnuz Mandlakayise Mahlangu, owabulawa ngo-2020?
Ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa uMkhwanazi.
UMcBride uthe uMahlangu wayengumngani omkhulu kaMkhwanazi, wabulawa ngesikhathi ephenya izinsolo zenkohlakalo ekuthengweni kwamavesti amaphoyisa avikela izinhlamvu nezinsolo zenkohlakalo ezazibhekiswe kowayebambe kwesikaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Khomotso Phahlane.
UMcBride uthe uMkhwanazi waba umuntu wokuqala ukufika lapho okwadutshulelwa khona uMahlangu.
"Okuxakayo ukuthi uMkhwanazi wayengeyena umphenyi ngaleso sikhathi, wayesebenza ophikweni lokuqashwa kwabantu khona emaphoyiseni. Okungithusayo ke ukuthi uMkhwanazi akazange aye emngcwabeni. Kungani engayanga emngcwabeni womuntu owumngani wakhe?"
UMcBride uvele wangena ezintangeni ngesikhathi amalungu ekomiti embuza ukuthi ngabe uzama ukuveza ukuthi uMkhwanazi waba nesandla ekubulaweni kukaMahlangu?
"Angazi kodwa engingakusho ukuthi kukhona okushaya amanzi lana futhi kufanele kuphenywe."
UMcBride uthe bakhona abalisa abagwetshelwa icala lokubulala uMahlangu.
"Izinkabi zathi zathunywa yiphoyisa ukuba zibulale uMahlangu. Zathi zahlangana nephoyisa erenki, lazinika imali nemininingwane yomuntu okwakufanele zimbulale. Kuningi nje okudidayo ngaleli cala."
UMcBride uthe uMkhwanazi wayesondelene kakhulu noPhahlane futhi wayemvikela, wathi uMkhwanazi wayelokhu ephazamisa uphenyo olwalubhekene noPhahlane.
Ohola ubufakazi, u-Advocate Norman Arendse, ufunde incwadi efungelwe ebhalwe wumphenyi we-Ipid.
Le ncwadi iveza ukuthi uMkhwanazi wayehambe efuna noma ibuphi ubufakazi obungagaxelisa uMcBride nomphenyi wamacala ozimele, uMnuz Paul O'Sullivan.
Incwadi iveza ukuthi uMkhwanazi wathembisa umphenyi we-Ipid isikhundla esiphezulu uma engafika nobufakazi obuzogaxelisa uMcBride no-O'Sullivan.
Related Topics: