Paul O’Sullivan
Image: Itumeleng English
UMPHENYI wamacala othinteka ezinsolweni ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uMnuz Paul O'Sullivan, uyaqhubeka nokugolozela amalungu ekomiti lasePhalamende njengoba enqaba ukuzifikela mathupha futhi ethi ngeke avume ukuhlohlwa ngemibuzo ngamanye amalungu ekomiti awabize ngezigebengu.
U-O'Sullivan uthe usamile ekutheni ngeke azifikele mathupha ePhalamende kodwa uzovela esebenzisa ezokuxhumana.
Uphinde futhi athi ngeke ayiphendule imibuzo yamanye amalungu ePhalamende aqhamuka emaqenjini ezepolitiki athe agcwele izigebengu.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kunomhlangano wekomiti, izolo.
Usihlalo wekomiti, uMnuz Soviet Lekganyane, uthe u-O'Sullivan ubabhalele incwadi ebazisa ukuthi ngeke ekwazi ukuzifikela mathupha ngenxa yokubona engaphephile nokuthi akekho kuleli.
ULekganyane uthe u-O'Sullivan uthe uvakasheile eLondon, wathi uyoze abuye ikomiti seliwuqedile umsebenzi walo okufanele liwuphothule ekupheleni kwenyanga ezayo.
"Uthe uhambo lwakhe waluhlela ngaphambi kokuthi kusungulwe ikomiti."
ULekganyane uthe u-O'Sullivan uthe ngeke ayiphendule imibuzo yamalungu eMKP, EFF, nawe-ActionSA.
"U-O'Sullivan uyasithuka, uthi iPhalamende ligcwele izigebengu. Wenza izinsolo ezibucayi lapho esola khona amalungu ePhalamende ngokuthi asebenzisana nabantu abafuna ukumbulala."
Amalungu ekomiti athe kufanele u-O'Sullivan aphoqwe ukuba azifikele mathupha.
USotswebhu omkhulu ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe akufanele ukuthi u-O'Sullivan avunyelwe ukuba azenzele umathanda.
"Izinto azishoyo zikhombisa ngokusobala ukuthi akalihloniphi iPhalamende lo muntu. Akufanele simvumele ukuthi azenzele umathanda. Zonke lezi zinto azishoyo ziwumbhedo. Kubalulekile ukuthi azifikele lana. Igama lakhe livela kaningi ezinsolweni. Ofakazi abaningi abavelile phambi kwekomiti bakhuluma ngegama lakhe. Kubalulekile ukuthi afike lapha azoziphendulela."
Ilungu leMKP, uMnuz Sibonelo Nomvalo, lithe u-O'Sullivan kufanele athunyelwe amasamanisi amphoqa ukuba avele phambi kwekomiti ngokushesha.
"Abameli kufanele balusukumele ngokushesha lolu daba ngoba usekhombisile ukuthi akanandaba nokuthi ungcono kunabanye abebebizwa yikomiti."
Ilungu leDA, u-Advocate Glynnis Breytenbach, lithe kufanele amalungu ekomiti alusingathe ngobunono lolu daba.
U-Advocate Breytenbach uthe amalungu ekomiti angazithola sekufanele aphendule imibuzo angayazi uma kungenzeka ukuthi u-O'Sullivan abulawe emva kokuba emphoqe ukuthi azifikele mathupha ePhalamende.
Ukuhlangana kwekomiti kuzoqhubeka namhlanje lapho kuzovela khona owayeyisikhulu sophiko oluqaphe ukusebenza kwamaphoyisa, i-Ipid, uMnuz Robert McBride.
Related Topics: