Izindaba

I-MKP ifuna uMbeki axolise ebantwini baseKZN

Sabelo Nsele|Published

Thabo Mbeki

Image: Karen Sandison / Supplied

I-MKP ifuna owayengumengameli, uMnuz Thabo Mbeki, axolise ebantwini baKwaZulu-Natal ngenkulumo yakhe abathe icwasa ngokobuhlanga abantu basesifundazweni iphinde igqugquzele udlame.

UMbeki uzithintele ngokuthi enze izinsolo zokuthi iMKP yasungulwa yizinhlaka zezokuphepha ezazisetshenziswa uhulumeni wobandlululo ukuxova abantu ababelwa nobandlululo ngesikhathi somzabalazo wenkululeko.

Ubuholi beMKP busole uMbeki ngokudukisa, baze bamvusela ngisho amaphutha akhe amadala.

UMbeki wenze izinsolo eziningi ngokusungulwa kweMKP ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bophiko lomakadebona kwi-ANC, i-Umkhonto weSizwe Liberations War Veterans.

UMbeki uthe abantu kufanele bazibuze ukuthi kungani iMKP yathola amavoti amaningi kakhulu KwaZulu-Natal, yaphinde yenza kahle nasemahostela aseGauteng.

"Lezi nhlaka (zikahulumeni wobandlululo) azikaze zihlakazwe kuze kube namhlanje. Ngayikhuluma kaningi le nto."

UMbeki uthe abantu kufanele bezibuze ukuthi yini eyenze ukuthi abaningi abahlala emahostela eGauteng, bavotele iMKP okhethweni lwango-2024?

"Abantu bakula mahostela babevotela i-IFP ngesikhathi kusenodlame lwezepolitiki. Into eyenza ukuthi bavotele iMKP kulokhu ingoba balawulwa yizinhlaka ezilawula iMKP."

UMbeki uthe akulona iqiniso ukuthi izibhelu zokuzitapela zango-2021 zasuswa ukuboshwa komholi weMKP, uMnuz Jacob Zuma.

"Leya nto yayihleliwe nje abantu ababefuna ukuzizwa amandla. Babefuna ukubona ukuthi bangakwazi yini ukuphazamisa ukusebenza kwezwe."

UMbeki uphinde wathi izikhulu ze-Eskom zenza ngamasibomu ukuthi kube nokucishwa kukagesi, wathi izikhulu ze-Eskom zaziba isexwayiso sango-2007 sokuthi kunengozi yokuthi ugesi ungase ushode ezweni.

Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe inkulumo kaMbeki iyadukisa futhi iyaqhatha.

UNdhlela uthe uMbeki kufanele amukele nje ukuthi abantu sebekhathele yi-ANC.

"Lezi zinsolo azenzayo azinabufakazi futhi ziyingozi. Okuyingozi kakhulu ukuthi enkulumweni yakhe uphinde wacwasa ngokobuhlanga abantu abathile baKwaZulu-Natal naseGauteng. Abantu baseWestern Cape abayivoteli i-ANC kodwa asikazwe sizwe kushiwo kubo izinto ezicwasa ngokobuhlanga. Kungani singahlonishwa isinqumo sabantu baKwaZulu-Natal nabaseGauteng abavotela iMKP?"

UNdhlela uthe bafuna ukuthi uMbeki ahoxise inkulumo yakhe aphinde axolise futhi kubantu baKwaZulu-Natal.

"Inkulumo yakhe iphehla udlame futhi ibeka engcupheni abantu abavotela iMKP. Inkulumo yakhe iqhatha abantu abavotela iMKP namakadebona e-ANC ababelwa nohulumeni wobandlululo. UMbeki kuzofanele axolise kubantu baKwaZulu-Natal."

UNdhlela uthe vele uMbeki uyaziwa ngokuba budedengu, wathi wakhombisa ubudedengu ngesikhathi ephika ukuthi igciwane iHIV lidala umbulalazwe, i-AIDS.

"Ukuphika kwakhe ucwaningo longoti kwenza ukuba kubambezeleke ukukhishwa kwemishanguzo. Ngokwezibalo, bangaphezu kuka-330 000 abantu abashonayo ngenxa yokubambezeleka kokusabalaliswa kwemishanguzo."