Izindaba

Akuthi diki kuMalema obuyela enkantolo kungekudala

Sabelo Nsele|Published

Julius Malema

Image: File Picture: Timothy Bernard / Independent Newspapers

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, usamile kwelokuthi umsulwa ecaleni lokuqhumisa isibhamu.

UMalema uzobuyela eNkantolo yeMantshi e-East London, ngoLwesihlanu, lapho kulindeleke ukuthi kuphume isigwebo ecaleni lakhe lokuqhumisa isibhamu.

Inkantolo yalahla uMalema ngecala lokuqhumisa isibhamu esidlangalaleni ngonyaka owedlule.

UMalema usolwa ngokuqhumisa isibhamu emcimbini we-EFF owawungo-2018. Icala lafakwa yinhlangano i-AfriForum kanti uthe akathukile nakancane njengoba ephindela enkantolo ngoLwesihlanu. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwi-podcast ye-EFF.

UMalema uthe uzosidlulisela phambili isinqumo senkantolo, wathi uyazi ukuthi enye inkantolo izomthola emsulwa, wenza izinsolo zokugxambukela kwezepolitiki ecaleni lakhe.

"Awuzange ulandelwe umthetho ngesikhathi kuqulwa icala, abantu basebenzisa imizwa. Ayikho into engingathi ngiyifundile kubantu abasebenzisa inzondo nabazilwela izimpi zezepolitiki."

UMalema uthe kuyamdida ukuthi inkantolo imthole enecala lokuqhumisa isibhamu kodwa isibhamu okuthiwa wasiqhumisa asiyona ingxenye yobufakazi obuthulwe enkantolo.

Isibhamu okuthiwa uMalema wasiqhumisa kwakungesikaMnuz Adriaan Snyman, owayengumqaphi wakhe.

USnyman watholakala engenacala. UMalema uthe isibhamu saphindiselwa kuSnyman.

"Ngizogwetshelwa ukuthi ngaqhumisa isibhamu esingagciniwe wuMbuso. Kufanele uma ugwetshwelwa ukuqhumisa isibhamu kube ukuthi leso sibhamu sigcinwe uMbuso. Kwelami icala isibhamu kasigciniwe wuMbuso."

UMalema ukhale ngokuthi kuze kube namhlanje inkantolo ayikaze imnikeze isinqumo esibhalwe phansi esimlahla ngecala.

Isinqumo senkantolo sethulwa ngo-Okthoba, wangonyaka owedlule.

"Le nto yokuthi nginganikezwa isinqumo esibhalwe phansi ikhombisa ngokusobala ukuthi inkantolo yenze izinto ngokuxhamazela ngoba nakhu yesaba labo abafake icala, yakhohlwa ukulandela umthetho."

UMalema uthe njengengxenye yokulungiselela ukukhishwa kwesigwebo, kade ehlangene nosonhlalakahle.

UMalema uthe umbiko kasonhlalakahle uveza ukuthi akazisoli ngokuqhumisa isibhamu.

I-EFF imemezele ukuthi uMalema angeke ayihambele imihlangano yekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, kuleli sonto, njengoba ezokube elungiselela ukuyovela enkantolo.

Amalungu e-EFF kulindeleke ukuthi abhikishe ngaphandle kwenkantolo ngoLwesihlanu.