UDALIWONGA uziqhathe nomholi we-EFF uJulius Malema
Image: SIGCINIWE
UMHOLI we-EFF usongele umculi wamapiano maqede wamgibela ngenhlamba
Image: SIGCINIWE
KUSHAQEKE abantu abaningi ngesikhathi umholi we-EFF uJulius Malema esongela futhi egibela ngenhlamba umculi wamapiano uDaliwonga Matiwane ngeSonto ekuseni.
UMalema (44) ubhale kwi-X ukuthi uDaliwonga (31) akangamchukuluzi maqede wambiza ngevezandlebe (bastard). Isolezwe lithole ukuthi lo mculi, wodumo lwengoma ethi Seduce Me nethi Menemene, uziqhathe noMalema ngokungalubhadi emcimbini obusendaweni yokucima ukoma eseSeshego eLimpopo iSlageng Lounge ngoMgqibelo.
Yize kuthiwa le ndawo ngekaMalema kodwa abazaziyo bathi ufolosa ngomfowabo, uTshepo Malema. Imithombo ithe uDaliwonga uqashwe futhi wakhokhelwa yonke imali abeyibizile kodwa wavele wangaya emcimbini.
Kwenzeka lokhu nje, uDaliwonga uyena mculi obekugatshwe ngaye kulo mcimbi njengoba ebezobhulelwa amazolo ngamaciko angaziwa anjengoGumzinto, Msacho, Doza, Rafile, Gerro, Fire, Mpumi, Tshepi nabanye. Iningi labathandi bobumnandi ebelimagange ngokuzozibonela lo mculi, libuyele emakhaya selidumele, belihamba lineka izandla ngenxa yokuphoxeka.
Emuva kwenhlamba kaMalema, abantu bahlukane phakathi ezinkundleni zokuxhumana. Abanye basigxekile isenzo sikaMalema njengomholi womphakathi kodwa abanye bathi wenza kahle ngoba iyacika indaba yabaculi abaxhaphaza abahleli bemicimbi nabathandi bobumnandi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaDaliwonga ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Nasezinkundleni zokuxhumana ubethule sengathi kukhona othe angathi vu.
DALIWONGA
Image: SIGCINIWE
UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ochaphe ngenhlamba umculi wamapiano
Image: SIGCINIWE