Izindaba

UMbalula ugabisa ngokugadla ngamakhansela ane-wozawoza

Sabelo Nsele|Published

UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula

Image: Itumeleng English / Independent Newspapers

KUWASHELE amakhansela e-ANC angovilavoco njengoba uNobhala wenhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, ethi ngeke azinuke izikhundla okhethweni lohulumeni basekhaya oluzayo.

UMbalula uthe bafuna ukugadla ngamakhansela anogazi nakhuthele okhethweni lakulo nyaka. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esifundazweni iFree State, emcimbini wokugubha usuku okwasungulwa ngalo i-ANC owaziwa ngokuthi iJanuwari 8.

Izinto aziyihambeli kahle i-ANC ezinkethweni zakumumva njengoba isanda kuhluleka ukuwina ngamalengiso ukhetho lukazwelonke lwango-2024, lapho yalahlekelwa khona isifundazwe iKwaZulu-Natal, yaphinde yahluleka ukuwina ngamalengiso esifundazweni iGauteng.

UMbalula uthe imigomo izokube iqine kakhulu uma sebeqoka abazobamela okhethweni lakulo nyaka.

"Sizokhetha amakhansela athandwa abantu, asebenzela abantu. Asizukukhetha abangani bethu kodwa sizokhetha amakhansela asebenzela abantu. Uma usebenza ngokuzikhandla ungathuki ngoba uzokhethwa ukuthi ube ikhansela. Uma uyivila vele ukhohlwe ngoba ngeke ukhethwe."

UMbalula uthe asikho isidingo sokuthi belokhu bebalisa ngokuhluleka kwabo ukunqoba ngamalengiso ukhetho olwedlule, wathi kufanele bavuke bazithathe, balungiselele ukhetho oluzayo.

"Akufanele nathi silingise umuntu ongenalo ithemba, olokhu edinda isililo. Kufanele sikhombise ukuthi thina sinalo ithemba."

UMbalula uthe kulo nyaka ngeke belokhu bekhuluma kakhulu kodwa bazolungisa zonke izinkinga abathembise ukuzilungisa.

"Ziyisithupha izinto esifuna ukuzilungisa. Sakhuluma ngale zinto ngesikhathi kuneJanuwari 8. Sisebenza kanzima ukuze abantu basethembe. Sifuna ukusondelana nabantu. Kubalulekile kuthina ukuthi sibe nobudlelwano obuhle nezinhlaka zomphakathi. Akukhona nje ukuthi siya kubantu ngoba nakhu sifuna amavoti kodwa sifuna ukuhlezi siseduze nabantu. Kufanele kube ithina esixazulula izinkinga ezibhekene nabantu.

"Ngesikhathi kuneJanuwari 8, sazibophezela ukuthi sizolungisa izinkinga ezibhekene nomasipala siphinde sithuthukise umnotho. Akufanele silokhu sikhuluma ngenkinga yomigwaqo egcwele imigodi nenkinga yamanzi. Kufanele sizilungise lezi nkinga, singagcini ngokukhuluma kuphela. Lona unyaka wokuthi silungise zonke izinkinga ezibhekene nomasipala."

UMbalula uthe banomqulu wamaqhinga okuxazulula izinkinga ezibhekene nomasipala abavumelana ngawo ngonyaka owedlule.

"Kuzokuba lula ukuthi sixazulula izinkinga ezibhekene nomasipala ngoba sinomqulu esavumelana ngawo ngonyaka owedlule."