Izindaba

UMatshikiza uyokwenza izifundo zobunjiniyela

Charles Khuzwayo|Published

U-OKUHLE 'Matshikiza' Ngubane egqoke umfaniswano wesikole esenza uGrade 12 nyakenye

Image: SITHUNYELWE

U-OKUHLE 'Matshikiza' Ngubane esaqala emculweni kamaskandi

Image: SITHUNYELWE

INDABA yokuthi umaskandi wumculo weziqhaza - abantu abangafundile - sekuyinto yayizolo. Kulo mculo sekugcwele izifundiswa. Phakathi kwazo kubalwa no-Okuhle "Matshikiza" Ngubane.

U-Okuhle (17) owaqala ukuzakhela udumo emculweni ngokuba wumaskanda wokuqala ukuqopha ingoma eneminyaka emithathu njengoba esephumelele uGrade 12 ngeBachelor. Lo mculi ubenza u-matric eLinpark High, eMgungundlovu, futhi enza izifundo iTechnical Mathematics, English Home Language, IsiZulu First Additional Language, Engineering Graphics, Mechanical Technology (Fitting and Machine) neTechnical Science. 

U-Okuhle uthe uhlela ukuyokwenza izifundo zeChemical Fitting Engineering e-Atholl Munday Training Centre eManzimtoti. Uthe usizwe ukuhlaba ikhefu emculweni wagxila kakhulu ezifundweni zakhe zika-matric. 

Lo maskanda waqala eyimbongi ngaphambi kokungena emculweni ngenxa yokubukela kuMjik'jelwa "Ichalaha LikaShafuza" Ngubane. Wafika kumaskandi wangaconsa phansi kubahleli bemicimbi kangangoba waze waqashwa nawuDJ Tira ukuba anandise kwiFact Durban Rocks eyayisePeople's Park eThekwini, ngoJulayi 2017. Wayeshiyelana inkundla nezingwazi ezinjengoHlegiwe Mhlaba no-AKA ngengoma ayehlonipha ngayo amaqhawe kamaskandi uMtshengiseni noMgqumeni ethi Bayajabula.

UTira wagezeka ubebebe yikhono lika-Okuhle kangangoba waze wamfaka nakwi-video yengoma yakhe ethi Malume. Nomsunguli wamaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards, uDumisani Goba, waze wamxhasa ngemvunulo.

Ngaphandle kukamaskandi, u-Okuhle ubuye aziwe ngelikaTinana emculweni wamapiano futhi usanda kukhipha ingoma esihloko sithi The Bread. 

 Kule ngoma uthi ucela “isinkwa” - okusho amathuba okusebenza - njengoba eseqedile u-matric.

“Ngiyacela ningangishayi indiva, ngifuna ukusebenza, ngifuna ukufunda, ngifuna ikusasa elingcono ngithengele nomama wami umuzi,” kusho u-Okuhle.

“Ngiyabonga kubo bonke abangisekelayo futhi ngiyathemba ukuthi uhambo lwami luzogqugquzela nabanye abasakhula.”