Izindaba

UButhelezi uphika incwadi emqhathe nabaNtwana baseNdlunkulu

Sabelo Nsele|Published

UMFUNDISI Thulasizwe Buthelezi

Image: Supplied

UNDUNANKULU kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uchithe incwadi emdalele amazinyo abushelelezi kubaNtwana baseNdlunkulu.

UButhelezi uthe iwumbombayi incwadi ebhekiswe eminyangweni kahulumeni eyehlukene ethi abaNtwana baseNdlunkulu kabavumelekile ukuba bakhulume nezinhlaka zikahulumeni bengagunyaziwe yiHhovisi leSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.

Le ncwadi esabalale ezinkundleni zokuxhumana, ithi zonke izinhlaka zikahulumeni kufanele zixhumane noNobhala eHhovisi leSilo langasese, uMnuz Squire Anorld Nododile, uma kukhona ezifuna ukukudlulisa.

Le ncwadi ithunyelwe iminyango kahulumeni eyahlukene, iveza ukuthi isayinwe nguButhelezi ezansi kepha uButhelezi uthe ibhalwe abantu abazama ukuqhatha.

"Le ncwadi ingumgunyathi. Isilo samaBandla noNdunankulu weSilo kabayazi le ncwadi. Abanikazi bale ncwadi-mbumbulu bahlose ukudunga ubudlelwano obuhle phakathi kweSilo nabaNtwana baseNdlunkulu."

Ukusabalala kwencwadi kucasule abaNtwana baseNdlunkulu abakhale ngokuthi baphucwa amalungelo abo.

Oke wakhulumela iSilo ngaphambili, uMntwana u-Africa Zulu wasoNkweni, uthe kubukeka kunomkhankaso owumshoshaphansi wokubhozomela uMbuso kaZulu.

UMntwana u-Africa uthe umsebenzi weHhovisi leSilo langasese ukweseka iMbube emisebenzini eyenzayo, hhayi ukushaya imithetho.

UMntwana u-Africa uthe ukunikwa amandla amaningi kweHhovisi leSilo langasese kunobungozi, wathi abaNtwana kufanele bavunyelwe ukuba bakhulume nezinhlaka zikahulumeni uma kuneziphakamiso abanazo.

UMntwana u-Africa uthe uyamkholwa uButhelezi uma ethi akayazi incwadi.

"UButhelezi usebenzela ihhovisi elifungelwe njengoba enguMphathiswa nje, uma ethi akayazi incwadi, ngiyamkholwa. Kufanele sonke simkholwe uma ethi akayazi incwadi."

UMntwana uChris Zulu waseGazini, uthe le ncwadi ibaphuca amalungelo abo njengabaNtwana baseNdlunkulu.

"Kukhona umgoqo obekwayo lana, kuthiwa ukuthi akusenzeki. Iyasidida yonke into eyenzekayo futhi kusha konke lokhu okwenzekayo. Ngabe le nto ayizukulimaza yini amalungelo ethu njengabaNtwana baseNdlunkulu? Sibona sengathi siphucwa amalungelo ethu okuzalwa eNdlunkulu. Ithina esiwubukhosi, ubukhosi abukho ngaphandle kweNdlunkulu."

UMntwana uChris uthe akazi ukuthi ubani onelungelo lokubhala incwadi ekanje engakhulumanga neNdlunkulu.

"Bekufanele uma kuwukuthi asisavumelekile ukukhuluma nezinhlaka zikahulumeni sibizwe, sitshwele."

UMntwana uGugu Zulu waseMatheni, uthe abahambisani nokushiwo yincwadi.

"Imbudane lena, asihambisani nayo futhi angeke yenzeke le nto. Lo muntu okhuluma le nto akazalwa eNdlunkulu. Ngisho uMntwana waKwaPhindangene owayezalwa eNdlunkulu, wayengeke ayisho le nto."