Izindaba

Indumalo kuhlehla isikhumbuzo seMpi yaseSandlwana eGoli

Charles Khuzwayo|Published

UMCIMBI kaMbuso Khoza wokukhumbula iNkosi uCetshwayo uhlehliselwe ku-Ephreli

Image: SIGCINIWE

KUDUMALE abaningi kuhlehla ingqophamlando yomcimbi womlingisi wodumo kuMkhokha The Curse, uMbuso Khoza, iBattle of Isandlwana Commemoration ebizoba seConstitution Hill eBraamfontein, eGoli ngoJanuwari 25. Ngokusho kwesitatimende, lo mcimbi uhlehliswe ngenhloso yokuba kube nesikhathi esanele sokuwulungiselela. Bekuzoba nedili lomculo, isifundo ngeMpi yaseSandlwana nohambo ngezinyawo.

Enye injongo bathe wukuqinisekisa ukuthi umcimbi uba sezingeni elicokeme futhi unikeza isikhumbuzo isithunzi osifanele. Usuhlehliselwe ku-Ephreli 5. 

Le ndumezulu seyineminyaka emithathu yenziwa ngenhloso yokukhumbula Impi yaseSandlwana eyalwa phakathi kukaZulu namaNgisi, eNquthu ngoJanuwari 22, 1879. Sekungumlando ukuthi isizwe seSiloi uCetshwayo sanqoba amaNgisi kule mpi eyaysentabeni eSandlwana.

Okumqoka ngalo mcimbi kaMbuso wukuthi awugcini ngokukhumbuza abantu ngomlando wale mpi kodwa kubuye kufundiswe intsha ngobumqoka bayo emzabalazweni wenkululeko yakuleli. NakuMbuso le mpi isenhliziyweni yakhe njengoba ukhokho wakhe, uNtshingwayo Khoza, wayengomunye wabadidiyeli bamabutho kaZulu.

Khonamanjalo konke sekumi ngomumo ngeSikhumbuzo seMpi yaseSandlwana eNquthu, ngoLwesine. Ngaphambi kwale ndumezulu kuhlelwe nochungechunge lwemicimbi eqale ngoLwesine kuleli sonto.

Owokuqala bewuseSikhaleni seNkosi, ePort Durnford, lapho iSilo uCetshwayo saphumela khona ngesikhathi sigibela umkhumbi, silibhekisa kwelamaNgisi njengesiboshwa.

Kubuye kwadlulelwa  emzini weSilo oseShowe, kwaGqikazi, lapho okwakhothamela  khona iSilo uCetshwayo naseShowe, eFort Nonqayi, lapho kube  nesifundo ngempilo yeSilo sasoNdini.

NgoLwesihlanu kuyiwe  edlinzeni likaJininindi omnyama, okuyizibongo zeNkosi uCetshwayo eliseNkandla, kuyokhulekwa.

UMntwana uThulani uthe ngoMsombuluko iSilo sizokhipha ibutho laseZululand, elizolibhekisa eSandlwana, bese kuqala umlindelo.

UMasipala waseMzinyathi uthe kuzoba nemidlalo eminingi ezokuba khona ezodlalwa ngisho amabutho.

UMntwana uThulani uthe ngomhla ka-22 kuzoba wusuku lomkhosi  lapho kulindeleke ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sethule inkulumo yosuku.

UMasipala wesiFunda uMzinyathi uthe imicimbi izoze ivalwe ngomhla ka-23 eRorkes Drift lapho kuzobekwa izimbali emalibeni amabutho kaZulu nawamaNgisi aguqa kule mpi ka-1879.