Sibusiso Mkhabela
Image: SIGCINIWE
LUHLALE obala uqhekeko eqenjini elingababeki benkosi kuhulumeni waKwaZulu-Natal, iNFP, amalungu eqembu angahambisani nesinqumo sokuhoxa kuhulumeni echapha ngenhlamba ephinde futhi efuna ukubamba ngezandla umholi weqembu, uMnuz Ivan Barnes.
Lokhu kuhambisane nokuthi abanye abaholi beNFP baphumele obala batshela abezindaba ukuthi abahambisani nesinqumo sokuhoxa kuhulumeni wesifundazwe.
Bucishe bachitheka bugayiwe eThekwini, kusuka isixakaxaka phakathi kwabaholi beqembu namalungu alo abezokweseka uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, obizelwe phambi kwesigcawu sokuqondisa ubugwegwe.
Kulanyulwe kukubi amalungu eqembu egibela uBarnes ngezinhlamba, emthembisa noswazi.
Abeseka uNksz Shinga bebebambe umbhikisho eThekwini, ngaphandle kwalapho obekubanjelwe khona isigcawu sokuqondisa ubugwegwe.
La malungu abecula izingoma ezithi awayifuni iMKP. Amalungu athe awasabuthembi ubuholi bukaBarnes.
Ubuholi beNFP kuzwelonke bufuna iqembu libambisane neMKP kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
UMENGAMELI weNFP, uMnuz Ivan Barnes
Image: sigciniwe
Emva kwesixakaxaka, kube sekulandela isithangami nabezindaba ebesibizwe abaholi beqembu abangahambisani nesinqumo sokuhoxa kuhulumeni wesifundazwe.
Obehola isithangami uSihlalo weNFP kuzwelonke, uMnuz Sibusiso Mkhabela.
UMkhabela uthe abahambisani nesinqumo sokuhoxa kuhulumeni wesifundazwe.
"Siwushayela ihlombe lo hulumeni okhona. Ubugebengu behlile. Isinqumo sikaNdunankulu sokufaka uMnyango wezokuPhepha ngaphansi kwehhovisi lakhe kwenze ukuba nocabanga ukwenza ubugebengu asabe. Asifune muntu ozophazamisa uhulumeni okhona. Izinqumo ezithathwe emakameleni asingeni kuzona. Thina sifuna ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal uqhubeke nokuhambisa izidingo kubantu."
UMkhabela uthe abahambisani nesinqumo sokuba kuthathelwe uNksz Shinga izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe, wathi ubuholi beqembu kuzwelonke abunawo amandla okuthathela uNksz Shinga izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe.
"Asikaze silibone leli shobolo kuleli qembu selokhu lasungulwa uVZ. Sizokhuza lo mhlola. Namhlanje sizokhuza lo mhlola, sizowukhomba ngomunwe. Thina kwiNFP sazi ukuthi uma kunezinkinga siya lapha kwagogo, sikhulume. Aliphume lihambe leli shobolo."
UMkhabela uthe isinqumo sokuhoxa kuhulumeni waKwaZulu-Natal, kufanele sithathwe ubuholi beqembu esiShayamthetho.
"Ubuholi bukazwelonke kufanele bazi ukuthi kunezinhlaka zeqembu ezakhethwa ezingqungqutheleni. Lapha KwaZulu-Natal sinobuholi obakhethwa engqungqutheleni eyayiseNewcastle. Ubuholi bukazwelonke kufanele buhloniphe ubuholi besifundazwe. Ubuholi bukazwelonke akufanele bugxambukele ezindabeni ezithinta isifundazwe."
UMkhabela uthe uBarnes kuzomele ashiye esikhundleni uma kuwukuthi sekumehlule ukuhola iqembu.
"Besikwethemba, buyisela into yabantu kubantu ebafanele. Noma ngabe uyafuna uthi ufuna ukuphatha izwe, izwe aliphathwa ngokuphapha. Akuyona insangu ukuphatha izwe."
UMkhabela ukhale ngokuthi uBarnes usekhohliwe iNFP, ubukeka esekhulumela kakhulu iMKP.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaBarnes ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Mbali Shinga
Image: KZN Social Development department / Facebook
Related Topics: