KWAKUSEMNANDI phakathi kukaTshatha Ngobe noXolani Mcineka.
Image: FACEBOOK
BASABISA ngokuduba Impucuzeko Maskandi Festival abangeneme ngokuhoxa komsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe kule ndumezulu yomcimbi. Ukumemezela kukaTshatha ukuthi usethi khumu kulo mcimbi, akwehlanga kahle emabhinceni amaningi kangangoba amanye aze anxusa ngisho umdidiyeli wamabutho KwaMandlakazi nongumlingisi kwiShaka Ilembe, uNkosikhona "Phakelumthakathi" Ndabandaba, ukuba angenelele.
Kukhona abalibeke ngembaba elokuthi bona bebeseka lo mcimbi ngenxa yalo msakazi wohlelo lwantambama ngakho bathe uma ehosha imfe kuwona, nabo bazowugabisela ngezithende.
NgoMsombuluko, uTshatha umemezele ukuthi useyashiya kulo mcimbi emuva kweminyaka engaphezu kwamashumi amabili ewa evuka nawo kodwa wangayiveza imbangela.
Yize uTshatha ephumele obala kulo nyaka kodwa abalandeli bese beqalile ukushaya amakhala ngobudlelwano balezi zinsizwa. Abasondelene nazo bathi kusukela ngoJulayi nyakenye, bese uqalile umfantu ebudlelwaneni babo kangangoba uTshatha akabonakalanga nangokhalo kulo mcimbi.
Okuxakayo ukuthi uMcineka wabhala incwadi evulelekile encoma ukuzwana noTshatha. Waze wathi kwakungafanele bazwane ngoba basezinkolweni ezishayisanayo. Kucace bha okwenkukhu emhlophe ohlungwini ngesikhathi uMcineka eyonikela kubo kaKhuzani.
UTshatha ufake isithombe enabantu abathathwa njengezitha zikaMcineka, uGeh Ngcobo noPapa G Gumede ezindlini zokusakaza oKhozini. Abanye babuye baqaphela ukuthi uMcineka ubengathi vu ngomcimbi ngeTshatha Music Festival.
Nakuba kungacaci ukuthi lezi zinsizwa ziqhathwe yini kodwa kunamahlebezi athi uMcineka waba nesandla sokungafiki kweziqumama ngesikhathi umngani kaTshatha eyombesa ekhweni lakhe eNquthu. Kwakulindeleke ukuba omacaphunakusale bashaye indishi, okusho ukudlalwa kwemali okwenziwa ngabasuke behambele lo mcimbi. Ngalolo suku, uMcineka wayesemgcagcweni weNkosi yesizwe sakwaMpungose, uZakhe.
Ezinye izimpukane eziluhlaza zisola ukuthi lezi zinsizwa zibanga imali. Selokhu ekhulume kanje, uTshatha kodwa uMcineka usawuhlabe inhlali. Akathi vu. Imizamo yokuthola ukuphawula kwakhe igcine iphunzile.
Impucuzeko wumcimbi ongungqaphambili emculweni kamaskandi kangangoba waze wateketiswa ngeleWorld Cup yomaskanda. Abalandeli bebehlale beswenka ngemifaniswano emisha futhi iTheku belima nse ngosuku lweMpucuzeko. Nabaculi bebehlale beqhamuka nezinto ezintsha ebebesuke bedlisela ngazo ogageni izimbangi. Kungashona ilanga uma kungachazwa izigameko ebezenzeka esiteji.
Abaningi bazokhumbula uKhuzani ekhahlela inja waze waziqhatha neSPCA, uDlubheke wangena esiteji nengulube ethi iyona inkosi yomaskandi. Indidane yilapho yavelela khona kangangoba yayiya kwiMpucuzeko ngisho ingaphathekile kahle emzimbeni. Kwake kwakhalwa ngocansi olwaluqhunyiswa ngabalandeli ezimotweni ngesikhathi zibuya esiteji.
UMHLELI weMpucuzeko Maskandi Festival, uXolani Mcineka, ongathi vu ngokushiya kukaTshatha kulo mcimbi
Image: SIGCINIWE
UTSHATHA NGOBE
Image: FACEBOOK