ISILO uMisuzulu kaZwelithini
Image: Independent Newspapers Archive
KUZOBANJWA uxhaxha lwemicimbi eyandulela uMkhosi waseSandlwana wakulo nyaka.
Imicimbi eyandulela uMkhosi waseSandlwana izoqala kuleli sonto ize iyophela emva komkhosi ozobanjelwa eNquthu, ngoJanuwari 22.
Imicimbi eyandulela uMkhosi waseSandlwana izobanjelwa ezifundeni iKing Cetshwayo, Zululand, bese iphothulwa esiFundeni uMzinyathi.
Lemicimbi imenyezelwe okhulumela iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, kanye nomasipala abathintekayo.
Imicimbi izoqala esifundeni iKing Cetshwayo.
Isitatimende esikhishwe umkhandlu siveze ukuthi imicimbi izoqala ngoLwesine. Ngalolu suku kuzoyiwa eSikhaleni seNkosi, ePort Durnford.
Lapha kulapho iSilo uCetshwayo saphumela khona ngesikhathi sigibela umkhumbi, silibhekisa kwelamaNgisi siyisiboshwa.
UMntwana uThulani uthe ngalolu suku bazokube bexoxa okwenzeka ngosuku okwaboshwa ngalo iSilo sasoNdini.
"Bazokhumbula abanye ukuthi kwathi uma iNkosi isifakiwe emkhunjini, umkhumbi wangavuma ukuduma. Bathi uma bebheka ochwepheshe ukuthi kungani umkhumbi ungavumi ukuduma, yathi iNkosi ingoba ayibikanga. Babengayikholwa, babuza ukuthi izobikaphi njengoba noLundi base belushisile. Kwenzeka isimanga ngoba bathi uma beyidedela ngempela iNkosi ukuba iyobika, ngempela umkhumbi waduma yase iyiswa eCape Town. Siyokube sikhuluma lokho."
UMntwana uThulani uthe bazokube sebedlulela emzini weSilo oseShowe, kwaGqikazi, lapho okwaphangalela khona iSilo uCetshwayo.
"Sizofike sihloniphe lapho, sibe nokuhuba. Azokube ekhona amabutho, inyosi yeSilo kanye namakhosi."
Kuyokube sekudlulelwa eShowe, eFort Nonqayi, lapho kuzokuba khona nesifundo ngempilo yeSilo sasoNdini.
NgoLwesihlanu, kuzoyiwa edlinzeni likaJininindi omnyama eliseNkandla.
"Sizokuba nomkhuleko ngoba siyazi ukuthi njengoba siya emkhosini omkhulu kangaka kufuneka sibe nomkhuleko."
UMntwana uThulani uthe ngomhlaka-19, iSilo sizokhipha ibutho laseZululand, elizolibhekisa eSandlwana, bese kuqala umlindelo.
"
UMasipala waseMzinyathi uthe kuzokuba nemidlalo eminingi ezokuba khona ezodlalwa ngisho amaButho.
"Kothi ngomhlaka 20 ibutho lizokube seliseSandlwana, likhempile. Ngangomhlaka 21 ibutho lizokube likhempile. Kanti ngawo umhlaka 21 lapha eShiyane, siyazi ukuthi kunomlando ongemuhle lapho athi amabutho esenqobile eSandlwana, afike ahlulwa."
UMntwana uThulani uthe ngomhlaka 22 kuzokuba usuku lomkhosi lapho kulindeleke ukuthi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sethule inkulumo yosuku.
UMasipala wesiFunda uMzinyathi uthe imicimbi izoze ivalwe ngomhlaka-23.
"ERorkes Drift, yilapho kuzobekwa izimbali emalibeni amabutho kaZulu nawamaNgisi aguqa kule mpi ka-1879."
Related Topics: