UNOBHALA we-ANC e-Eastern Cape, uMnuz Lulama Ngcukaitobi, osembangweni wesikhundla
Image: Sigciniwe
IZETHENJWA zikaMengameli Cyril Ramaphosa zisembangweni wokuhola i-ANC esifundazweni i-Eastern Cape.
UNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Lulama Ngcukaitobi, angase aphonsele inselelo uNdunankulu wase-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane, emjahweni wokuhola i-ANC esifundazweni. UNgcukaitobi noMabuyane baziwa ngokweseka uRamaphosa.
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe izokuba ngoMashi.
UMabuyane ufuna ukubuya ihlandla lesithathu kanti kukhona abanxenxa uNgcukaitobi ukuba angenele umbango wesikhundla.
UNgcukaitobi uthe usezwile ngomkhankaso wokuba angenele umbango wesikhundla sikasihlalo we-ANC esifundazweni.
"Ngiyazi ngomkhankaso futhi kukhona abantu asebeke bakhuluma nami benginxenxa ukuthi ngingenele umbango wesikhundla. Angifuna ukuyinaka kakhulu indaba yabantu abakhuluma ngombango wezikhundla ngoba simatasa kakhulu, silungiselela ingqungquthela ezokuba ngo-Mashi."
UNgcukaitobi uthe uma enganikezwa ithuba engabeka eqhulwini udaba lokulungiswa kwengqalasizinda.
"Udaba lokulungiswa kwengqalasizinda luhamba phambili lapha e-Eastern Cape, ilona engingaqala ngalo."
Ukungenela kukaNgcukaitobi umbango wesikhundla kungase kube nomthelela embangweni wezikhundla engqungqutheleni ye-ANC kazwelonke ezokuba ngonyaka ozayo.
UMabuyane kukholakala ukuthi uzophinde azame ukungenela umbango wesikhundla engqungqutheleni yangonyaka ozayo.
Engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC kuzwelonke yango-2022, uMabuyane wazama ukungenela umbango wesikhundla sephini likamengameli, kukholakala ukuthi uzophinde azame inhlanhla embangweni walesi sikhundla nangonyaka ozayo.
Angase aye engqungqutheleni yangonyaka ozayo exhugela uMabuyane uma engahlulwa kweyase-Eastern Cape.
U-OSCAR Mabuyane
Image: ECOTP / Uthunyelwe
U-OSCAR Mabuyane
Image: ECOTP / Uthunyelwe
Related Topics: