i-Africa Growth and Opportunity Act (AGOA)
Image: Kailene Pillay / IOL
IMELIKA ingase ivuselele isivumelwano esizohlomulisa iNingizimu Afrika kanye namanye amazwe asezwenikazi i-Afrika esaziwa nge-African Growth and Opportunity Act (Agoa).
Indlu yabaholi baseMelika iphasise isiphakamiso sokuthi kululwe isivumelwano se-Agoa ngeminyaka emithathu.
Amalungu endlu angu-340 avotele isiphakamiso sokuba kuvuselelwe isivumelwano, kwathi angu-54 aphikisana nokuvuselelwa kwaso.
Manje sekusele kwisiShayamthetho saseMelika, i-Senate, ukuba siphasise isivumelwano esisha.
Isivumelwano se-Agoa saphela ngoSepthemba, kanti isivumelwano esisha sona sizophela ngo-2028.
I-Agoa ivumela impahla esuka emazweni ase-Afrika eyiswa eMelika, ukuba ingakhokhi intela.
Bekunongabazane ngokuvuselelwa kwesivumelwano kusukela kwangena uMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump.
Ngaphansi kobuholi bukaTrump, uhulumeni waseMelika usanda kunyusa intela ekhokhwa yizinkampani zasemazweni ase-Afrika ngezimpahla ezithunyelwa eMelika.
Yize emaningi amathuba okuthi isivumelwano sizovuselelwa, iNingizimu Afrika ibambe umoya.
Kukhona abaholi baseMelika abafuna ukuthi iNingizimu Afrika ishiywe ngaphandle esivumelwaneni esisha.
INingizimu Afrika ibilokhu ihlomula kulesi sivumelwane eminyakeni engu-25 eyedlule kodwa kubukeka sengathi izinto zizoshintsha manje.
INingizimu Afrika inyamanambana ebuholi bukaTrump.
Ubuholi bukaTrump busola uhulumeni wakuleli ngokuhlukumeza amaBhunu, uphinde ukhale ngesinqumo sikahulumeni wakuleli sokumangalela izwe elisondelene neMelika, i-Israel, eNkantolo yaMazwe oMhlaba.
Okunye okuqhatha iNingizimu Afrika neMelika ubudlelwano bayo namazwe abhekene ngeziqu zamehlo neMelika, iRussia, China, India ne-Iran.
I-Iran isanda kuthatha isinqumo sokuhoxa emibukisweni yemikhumbi yezempi kuleli.
I-Iran ihoxe ngemizuzu yokugcina ngenxa yezinsongo zeMelika, ebisabisa ngokuthathela iNingizimu Afrika izinyathelo ezinqala uma iqhubeka nokuvumelana ne-Iran ukuba ibambe iqhaza.
Related Topics: