National Freedom Party (NFP)
Image: Motshwari Mofokeng
I-NFP isifana nenyama yohlobo lwekhethelo emaqenjini abusa ngokubambisana KwaZulu-Natal nakulawo afuna ukuphatha isifundazwe.
Ubuholi beNFP buzobamba imihlangano namaqembu amathathu ngoMgqibelo, lapho kuzokhulunywa khona ngekusasa lokuphathwa kwesifundazwe.
Amaqembu amabili azohlangana neNFP ngoMgqibelo, akuhulumeni wokubambisana, bese kuthi elinye lona kube yiqembu elifuna ukuphatha isifundazwe. Iqembu lesithathu elicele umhlangano ebuholi beNFP yi-DA.
Ubuholi be-DA KwaZulu-Natal bubhalele ubuholi beNFP bucela umhlangano lapho kuzodingidwa khona ezithinta ukuphathwa kwesifundazwe.
Incwadi ye-DA ingena nje, ubuholi beNFP busanda kuthola izincwadi eziqhamuka emaqenjini iMKP ne-ANC, nawo anesicelo esifana nese-DA.
I-NFP ingababeki benkosi kuhulumeni waKwaZulu-Natal futhi isanda kuthatha isinqumo sokuhoxa kuhulumeni wokubambisana, nokuvulela iMKP intuba yokuba ithathe izintambo zoMbuso.
Ubuholi beNFP busole amaqembu aphethe ngokubambisana ngokwehluleka ukubusa isifundazwe, bukhala nangenkohlakalo.
Encwadini ebonwe yiSolezwe, ubuholi be-DA KwaZulu-Natal buthe bufisa ukuba ubuholi beNFP buchaze kabanzi ngalezi zikhalazo.
USihlalo we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Dean Macpherson, uthe umhlangano uzobanika ithuba elikahle ukuba baxoxe kabanzi ngalezi zikhalazo.
"Singahlangana noma ingasiphi isikhathi enizosiqoka."
UMacpherson uthe udaba lokubuswa kwesifundazwe lubalulekile kakhulu.
"Sesike sabambisana namaqembu amaningi ehlukene komasipala, ezifundazweni nakuzwelonke. Ingakho sikuqonda ukuthi kubalulekile ukuthi abaholi bamaqembu abambisene bunikane ithuba lokuxoxa uma kunezinkinga, buphinde buxazulule izinkinga. Siyazi ukuthi onke amaqembu abusa ngokubambisana kuneqhaza okufanele alibambe kulesi sikhathi esikuso. I-NFP ngelinye lamaqembu esibambisene nawo kuhulumeni waKwaZulu-Natal futhi sisebenzisana kahle."
UNobhala Jikelele weNFP obambile, uMnuz Sunset Xaba, uthe bazohlangana nabaholi be-DA, MKP ne-ANC ngoMgqibelo.
"Bengingakabaphenduli abaholi be-DA ngenxa yokuba matasa kodwa nabo sizobabona ngoMgqibelo."
Iqembu elihola uhulumeni wesifundazwe, i-IFP, lizokuba nesithangami nabezindaba namhlanje, lapho lizokhuluma khona ngokuhoxa kweNFP kuhulumeni wesifundazwe.
Khonamanjalo: Luzoqhubeka namhlanje uhlelo lokuqondisa ubugwegwe uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga.
Ubuholi beNFP babizela uNksz Shinga phambi kwekomiti lokuqondisa ubugwegwe emva kokuba ashaya indiva umyalelo weqembu wokuba aseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
Related Topics: