UNOLUTHANDO Ngema ufike kwezwakala ekulingiseni
Image: SIGCINIWE
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
UNoluthando ukhulume kanje emuva kokuthola izindaba zokuthi ukwabaqokwe kuma-2025 Briefly News Entertainment Awards.
Le ntokazi yaseMgungundlovu idlana imilala nozakwabo abanjengoThandolwethu Ngiba, N'kone Mametja weGenerations The Legacy, Lethabo Mekoa weSkeem Saam nomlingisi uNandipa Khubone. UNoluthando uthe lo mzuzu usho lukhulu kuye kangangoba uswele amazwi ayizinkulungwane ukuwuchaza.
"Ukulingisa bekuyiphupho lami leminyaka. Ubizo obelulokhu luphila enhliziyweni yami kusukela mzukwane. Kunezinkathi lapho ngangizingabaza nemizuzu lapho kwakala kancane iphupho lami lifezeke."
Uthe kuye lokhu kuqokwa akulona nje igama kodwa kuwubufakazi bokwethembeka kukaNkulunkulu uma ukholelwa ekuthenini yonke into uyenza ngesikhathi esifanele.
"Kuwubufakazi bamandla okusebenza kanzima, usebenze ungaphumuli, enhlonipho nokukholelwa kuJesu. Ubufakazi bokuthi umthandazo ngomzuzu ocwathile uyazwakala. Ubufakazi bokuthi uma uNkulunkulu ekunikeza umbono, umsebenzi asuke ewuqalile, uyawuqedela ngokwethembeka."
UNoluthando uzibongele ngokujulile kubantu ebebewa bevuka naye, ikakhulukazi umndeni, abangani ebebemcathulisa nabalandeli ebebemeseka ezinkundleni zokuxhumana.
"Noma ningeke nazi, kodwa nibe yingxenye yalo mlando. Angiluhambi ngedwa lolu hambo."
Unxuse, bonke abathintwe wuhambo lwakhe, bakhuthazwa yizingqinambi azinqobe endleleni maqede balubalubela ukufeza amaphupho abawanikezwe wuNkulunkulu, ukuba bamvotele ngobuningi babo ukuze adle umhlanganiso kulo mkhakha aqokwe kuwe.
"Ukwesekwa nguwe kuyosho lukhulu kimi futhi kuyokwenza le ngqophamlando ibe nkulu ngaphezu kwami."
Abanye abaqokwe kulo mqhudelwano wezindondo nguMbekezeli Mbokazi wodumo kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana. Lesi siqongqwane saseHluhluwe siqokwe kwiBest Sportsperson of the Year siqhathwe noSacha Feinberg-Mngomezulu weDHL Stomers neSpringboks, u-Ayabonga Khaka odlalela iqembu lesizwe lekhilikithi kuleli, uPrudence Sekgodiso ongumgijimi wokuqala wesifazane kuleli ukuhlabana ngendondo yegolide kwiWorld Athletics Indoor Championships noDricus du Plessis ongumpetha wokuqala kuleli kwi-UFC.
KwiCouple of the Year kuqokwe umrepha uKwesta nomkakhe uYolanda uMaMvelase Vilakazi, uTino Chinyani noSimphiwe "Simz" Ngema, uBontle Modiselle noPriddy Ugly kanye noGogo Maweni nomyeni wake uSabelo Mgube.
Kwabaqokwe kwi-Upcoming Actor of the Year kuboshelwe uToka Mtabane weQueendom, uKhaya Xaba weHomecoming, uLebohang Lephatsoana onguTumelo kwiYoungins, uSiya Xaba weGomora noWonder Ndlovu weScandal!
Kwi-Upcoming Influencer of The Year kuqhuthana amazenze u-Anika Dambuza weCity Makoti, uNelisile Mkhonto weCorporate Housewife, uYanda Woods weSpreading Humour, uSam Mzingelwa oyisishoshovu sabaphila negciwane lengculazi noMologadi wodumo lukaTitus Mokou.
IGCAGCELE esokeni kuNoluthando Ngema eqokwa kuma-awards
Image: FACEBOOK
UNOLUTHANDO Ngema akakholwanga eqokwa emqhudelwaneni wezindondo
Image: FACEBOOK
UNOLUTHANDO Ngema uqokwe kuma-2025 Brief News Entertainment Awards
Image: FACEBOOK
UKWESTA noYolanda Vilakazi abaqokwe kwiCouple of The Year
Image: SIGCINIWE
MBEKEZELI MBOKAZI
Image: Itumeleng English/Independent Media