UMbali Shinga
Image: Sigciniwe
KUHLEHLE isigcawu sokuqondisa ubugwegwe uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, oshushiselwa ukushaya indiva umyalelo weqembu wokuba aseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
Isigcawu sokuqondisa uNksz Shinga obekufanele siqale izolo, sihlehliswe emva kokuba abameli bakhe becele ukuhlinzekwa ngamanye amadokodo. Isigcawu sizoqhubeka namhlanje, eThekwini.
UNobhala weNFP obambile, uMnuz Sunset Xaba, uthe abameli bakaNksz Shinga bebefuna ukuthi isigcawu sihlehliselwe isonto elizayo.
"Bebecele ukuthi sihlehliselwe uJanuwari 15, kodwa ummeli wethu wanqaba. Usihlalo wesigcawu ube esenquma ukuthi isigcawu siqhubeke kusasa (namhlanje)."
UXaba uthe usole abameli bakaNksz Shinga ngokuzama ukubambezela ukuhlala kwesigcawu.
"Ummeli wethu wayekade ebabuzile ukuthi abezukuwadinga yini la madokodo, bathi angeke bawadinge. Simangalile uma sebefika phambi kwesigcawu sebethi bafuna ukunikezwa wona."
UXaba uthe bazobiza isithangami sabezindaba uma sekuphothulwe isigcawu, lapho bezomemezela isinqumo sabo.
UNksz Shinga ubizelwe phambi kwesigcawu sokuqondiswa ubugwegwe emva kokuba aphikisa isiphakamiso seMKP sokungabethembi ubuholi bukaNtuli esasilalelwe esiShayamthetho, ngeyedlule.
UMengameli weNFP, uMnuz Ivan Barnes, wayekade ethe bazoseseka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli nokwanikeza iMKP amathemba okuthi isiphakamiso sayo sizophumelela njengoba iNFP ingababeki benkosi kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
Kwashintsha ukudla epuletini ngesikhathi sekulalelwe isiphakamiso, lapho khona uNksz Shinga aveze ukungahambisani naso.
Iqembu labe selithatha isinqumo sokumumisa, laphinde lazama nokumkhipha esiShayamthetho.
Ubuholi beNFP busanda kuyalela uNksz Shinga ukuba asule esikhundleni sokuba uMphathiswa kanti bufuna iqembu lihoxe kuhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal, bese livota neMK.
I-NFP iyona engaba beki benkosi kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
Related Topics: