Umengameli Cyril Ramaphosa
Image: SACP Social Media
IBE seqhulwini inkinga yamanzi nogesi ngesikhathi osondonzima be-ANC bephume umkhankaso wokuyolalela izinkinga zabantu.
Abaholi be-ANC batshelwe ngenkinga yamanzi nogesi ngesikhathi bephume umkhankaso wokuyolalela izinkinga zabantu, izolo.
Abaholi be-ANC abahlukene okubalwa kubo noMengameli Cyril Ramaphosa, bahambele izindawo ezahlukene esifundazweni iNorth West lapho bebe nemihlangano yomphakathi.
Le mihlangano iyingxenye yomkhankaso we-ANC wokunxenxa abantu ukuba bahambele umcimbi wokugubha iminyaka engu-114 kwasungulwa inhlangano ozokuba sesifundazweni iNorth West, ngempelasonto.
Abantu abahambele imihlangano yomphakathi bazwakalise ukungenami kwabo ngokwehluleka komasipala ukuhambisa izidingo ezifana namanzi nogesi.
Abantu bathe bayawahluphekela amanzi, bathi nogesi uyahlupha. Abaholi be-ANC bathe bayazi ngalezi zinkinga, bathembisa ukuzilungisa.
URamaphosa uthe izolunga maduze inkinga yamanzi.
"Ngisizwile isikhalo senu. Angithi nikhala ngokuthi aninawo amanzi? Izinkinga zenu zizoxazululeka ngokushesha. Bangitshele ukuthi kunepayipi lamanzi eliqhumile. Bathe bayalilungisa leli payipi. Bathembise ukuthi ipayipi lizolunga ngoLwesihlanu. Engifuna ukukwazi wukuthi belingalungiswa ngani ipayipi. Ngizofona ngoLwesihlanu, ngiqinisekise ukuthi lilungisiwe ngempela yini ipayipi."
URamaphosa uthe uzozama ukuthola isixazululo enkingeni kagesi.
Uthe kubukeka sengathi inkinga enkulu wukuthi kunabantu abaningi abaxhume ugesi ngokungemthetho endaweni eyodwa.
"Njengoba nazi ukuthi sesayilungisa inkinga yokucishwa kukagesi, kubukeka sengathi inkinga lana wukuthi ugesi uyasindwa."
URamaphosa uqale usuku lwayizolo ngokuyodlala igalofu nosomabhizinisi, wazwakalisa ukwenama ngesasasa elikhonjisiwe.
"Ngitshelwe ukuthi abanye osomabhizinisi abebefuna ukuzodlala igalofu bajikisiwe ngenxa yesibalo. Besingafisa ukuthi beze bonke kodwa inkinga wukuthi indawo okudlalelwa kuyona incane kakhulu. Ukuphuma kosomabhizinisi abaningi kangaka kukhombisa khona ukuthi abantu basayithanda i-ANC."
UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, usabise ngokuthi bazowaxosha amakhansela ahluleka wukwenza umsebenzi.
"Amakhansela kufanele asukumele izinkinga zabantu, akufanele abantu bahlupheke amakhansela esonge izandla. Azokhonjwa indlela amakhansela angawenzi umsebenzi. Abekho abantu abafika nezikhundla lapha kwi-ANC. Isikhundla usinikezwa yi-ANC, futhi iyona enamandla okukuphuca leso sikhundla."
Related Topics: