UBINGELELA Mpanza uthi abacimeze abaxhoshwa yindlela agqoka ngayo
Image: FACEBOOK
UBINGELELA MPANZA
Image: FACEBOOK
KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto. Ubegqoke isiketi esimhlophe ebesiveza idilozi nezithende zezinqe. Bekuthi uma esina kuvele nangaphambili.
Abanye abalandeli ezinkundleni zokuxhumana bakhwele badilika kuye bashiya abangalazi ngendlela uBingelela abegqoke ngayo. Bebethi ubegqokise okomdansi wodumo lokungadilozi uZodwa Wabantu nomculi wamapiano uMawhoo. Bebemgxeka ngoba bethi ungumsakazi wesiteshi esihlonishwayo futhi akasilo itshitshi njengoba enezingane.
Nakuba kunjalo abanye bamncome kakhulu uBingelela ngokubawashisa amehlo kulo mcimbi futhi bathi kuyilungelo lakhe ukugqebheza.
Eziphendulela ekhasini lakhe likaFacebook, uBingelela unxuse abantu abaxhoshwa yindlela agqoka ngayo ukuba bacimeze. Uthe abangakhathazeki noma baphathwe wukhwantalala ngenxa yokugqoka kwakhe ngoba bazogcina bequleka. Ubuye wathi abafuna ukumlawula bangaqhubeka nokwenza lokho ngoba yena kuyamchaza.
Uthe abantu abathi akavele ahambe nqunu ngoba ukugqoka akakufuni, bayamdukisa.
"Othi ngimuhle u-right kodwa lona othi vele ukhumule-straight ngoba ukugqoka awukufuni, angimsaphothi."
Ukhale ngabathi "akukhuzwe ingane", wathi yena akaseyona ingane kodwa mdala. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaBingelela ayiphumelelanga ngoba imibuzo ubeyiziba kwiWhatsApp nezingcingo engazibambi.
UBingelela (35) usakaza uhlelo lukamaskandi ngoMgqibelo noVusizwe Langa. Akasadumile kuleli kuphela kodwa amagalelo akhe ayaziwa nasezweni likaDonald Trump - iMelika. Ngo-2024 uBingelela waze waqokwa emunxeni weBest Radio Personality/DJ kuma-Abroad Achievement Awards ayeseBridgetport, e-USA.
Kwenzeka lokho, lo msakazi esanda kuthola ingqayizivele yethuba lokuyonandisa edolobheni lase-Austria, iVienna ngo-Agasti ngonyaka ofanayo. Le ntokazi yasesigodini saseGugothandayo, eMatheni, KwaNongoma, nasemculweni ayizibekile phansi.
Ngo-2024 yakhipha icwecwe likamaskandi eliyi-EP elisihloko sithi Ibuya Nyakenye eliqukethe amanoni athi Soka Lami nelithi Baba Wami. Le EP yelama i-albhamu yokuqala ye-Afro soul/jazz esihloko sithi Isibingelelo yango-2015.
Ngaphambi kokuqashwa wuKhozi FM, uBingelela wayesebenzela iNongoma FM.
UBINGELELA MPANZA
Image: FACEBOOK
UBINGELELA egobile kuvele iphenti
Image: FACEBOOK
BINGELELA MPANZA
Image: FACEBOOK
BINGELELA MPANZA
Image: FACEBOOK
BINGELELA MPANZA
Image: FACEBOOK