Fikile Mbalula
Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers
UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe uyazi ukuthi iNingizimu Afrika ngeke ilibone elidlalayo uma iMelika ingase inqume ukugasela.
UMbalula uthe alikho izwe elingamelana neMelika kwezempi kodwa wathi ukuba namandla kweMelika kwezempi ngeke kwenze ukuthi bayocasha ngezidwaba.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ephawula ngokugasela kweMelika eVenezuela.
UMbalula uthe abahambisani nesenzo seMelika sokubopha uMengameli waseVenezuela, uNicolás Maduro nonkosikazi wakhe, uCilia Flores.
INingizimu Afrika nayo inyamanambana kwiMelika selokhu kwangena uMengameli Donald Trump, osola elakuleli ngokuhlukumeza amaBhunu.
Ebuzwa ukuthi umbutho wakuleli ukulungele yini ukubhekana neMelika uma inquma ukugasela kuleli, uMbalula uthe iMelika ayinantanga kwezempi.
"Okokuqala okufanele ngikusho wukuthi asihambisani nezimpi. Iqiniso wukuthi iMelika iyisikhondlakhondla uma kuza kwezempi. Uma iMelika ingase inqume ukugasela noma kuliphi izwe manje, ingagasela kungabi ndaba zalutho. Alikho izwe elingamelana nayo."
UMbalula uthe ukuba namandla kweMelika kwezempi akusho ukuthi kufanele izenzele umathanda.
"Ngeke size sithule uma sibona iMelika iphula imigomo. Asiqali manje ukugxeka amazwe aphula imigomo futhi asigcini manje. Uma kuwukuthi uTrump (uMengameli waseMelika) ufuna ukusijezisela ukuthi sishaya imithetho ethuthukisa abantu abamnyama, asizimisele impela ukushintsha kulokhu esikwenzayo.
"Ngibonile nje abanye abantu bethi bafisa ukuthi uTrump enze le nto ayenze kuMaduro lapha eNingizimu Afrika. Bayisho kanjani into enje? Kungani begqugquzela ukuthi uTrump agasele ezweni eliphethwe ngokwentando yabantu? Lapha sihlalisene kahle, kuphethe uhulumeni wokubambisana."
UMbalula uthe bazoqala umkhankaso wokugqugquzela zonke izinhlangano ezikhona emhlabeni jikelele ukuba zizwakalise ukungahambisani kwazo nesenzo seMelika.
UMbalula uthe iMelika ayihloniphi ngisho inhlangano yezizwe, i-United Nations, wathi kusobala ukuthi iMelika ifuna ukuzitamuzela uwoyela eVenezuela. Uveze nokuthi ayiqali ukuhlasela amazwe anothe ngowoyela.
Uthe ukuhlasela kweMelika e-Iraq nase-Afghanistan akuzange kusize ngalutho.
"Nakula mazwe babezifunela uwoyela. Kunamhlanje kumapeketwane kula mazwe ngenxa yokuhlasela kweMelika."
Khonamanjalo: UMaduro uvele enkantolo eseMelika izolo, lapho ebhekene khona namacala okubalwa kuwo awokushushumbisa izidakamizwa.
UMaduro uwaphikile wonke amacala athweswe wona.
Related Topics: