Mbali Shinga
Image: Supplied
KUMSHUBELE uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, njengoba eyalelwe wubuholi beqembu ukuthi asule esikhundleni futhi ezophinde avele phambi kwesigcawu sokuqondiswa ubugwegwe.
Ubuholi beNFP bunqumele uNksz Shinga umnqamulajuqu wakusasa ukuba ashiye esikhundleni, bathatha isinqumo sokuthi iqembu lihoxe ngokusemthethweni kuhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal.
Isinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwiNFP ebesiwubambe ngokuhlanganyela nobuholi benhlangano KwaZulu-Natal.
Isolezwe libone incwadi ebhalwe nguNobhala Jikelele weNFP obambile, uMnuz Sunset Xaba, eqinisekisa isinqumo esithathwe emhlanganweni wangoMsombuluko.
Le ncwadi ibhekiswe kuSihlalo weNFP KwaZulu-Natal obambile, uNksz Zoe Mtshali. UXaba unqabile ukuphawula ngalolu daba ngesikhathi ethintwa yiSolezwe.
"Sicela nike nithi ukusimela kancane ke silunguse lolu daba ngaphakathi. Sizokhipha isitatimende esizothunyelwa onke amaziko ezindaba uma sesiluqedile."
UNksz Shinga uzovela phambi kwesigcawu sokuqondiswa ubugwegwe namhlanje, lapho eshushiselwa ukushaya indiva umyalelo weqembu lakhe iNFP wokuba aseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
Isigcawu sokuqondisa uNksz Shinga ubugwegwe sibekelwe izinsuku ezintathu, kusuka namuhla.
UNksz Shinga ubizelwe phambi kwesigcawu sokuqondiswa ubugwegwe emva kokuba aphikisa isiphakamiso seMK sokungabethembi ubuholi bukaNtuli esasilalelwe esiShayamthetho, ngeyedlule.
UMengameli weNFP, uMnuz Ivan Barnes, wayekade ethe bazoseseka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli nokwanikeza iMK amathemba okuthi isiphakamiso sayo sizophumelela njengoba iNFP ingababeki benkosi kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
Kwashintsha ukudla epuletini ngesikhathi sekulalelwe isiphakamiso, lapho khona uNksz Shinga aveze ukungahambisani naso.
Iqembu labe selithatha isinqumo sokumumisa, laphinde lazama nokumkhipha esiShayamthetho.
UXaba Ukuqinisekisile ukuthi sizoqhubeka isigcawu.
Umthombo uthe uNksz Shinga usamile ekutheni isigungu esiphezulu eqenjini asinawo amandla okumthathela izinyathelo kodwa wathi abameli bakhe bazokuya ukuyovela phambi kwesigcawu.
"Abameli bazokuya ngenxa yokuthi wenzela ukuthi uma udaba luya enkantolo kungashiwo ukuthi akazange aye ukuyoziphendulela phambi kobuholi beqembu. Kodwa namanje usasho ukuthi ubuholi beqembu abunawo amandla okumthathela izinyathelo. Asikho isigaba somthetho weqembu esinika isigungu esiphezulu amandla okuba sithathele ilungu izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe."
Akukhona okokuqala uNksz Shinga, onguSihlalo weNFP KwaZulu-Natal, etholana phezulu nobuholi beqembu.
Ubuholi beqembu buke bazama ukumkhipha esiShayamthetho ngoJuni, kodwa behluleka.
Buphinde bazama ukumthathela izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe ngawo unyaka owedlule kepha uNksz Shinga wathola isivimbelo senkantolo esanqanda ukuthathelwa kwakhe izinyathelo.
Related Topics: