OKHULUMELA i-ANC uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri
Image: Picture: Itumeleng English/Independent Newspapers
IZOGADLA ngazo zonke izinduku zayo i-ANC emizamweni yayo yokunxenxa abantu ukuba bahambele umcimbi wokugubha usuku okwasungulwa ngalo inhlangano, owaziwa ngeJanuwari 8.
I-ANC izokhipha bonke abaholi bayo ukuba bayonxenxa abantu ukuthi bahambele umcimbi walo nyaka ozokuba sesifundazweni iNorth West ngempelasonto.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bonke abaholi bazohambela izindawo ezihlukene babe nemihlangano nezinhlaka zemiphakathi ehlukene.
Abaholi be-ANC baqale khona izolo ukuhlangana nezinhlaka ezihlukene lapho behlangane khona namakhosi bebika khona ukuthi bazoba nomcimbi.
"Kusasa (namhlanje) bonke abaholi bazobe bephume ngezinkani. Bazoba nemihlangano nezinhlaka zomphakathi okubalwa kuzo izinhlangano zamalungelo abantu kanye nezinhlangano zezenkolo. Kuyoze kufike usuku lomcimbi abaholi belokhu beba nemihlangano ezandaweni ezahlukene."
Kulo nyaka i-ANC izobe igubha ukuhlanganisa iminyaka engu-114 yasungulwa.
Izolo amalungu esigungu esiphezulu abe nomhlangano okhethekile ebonisana ngamaphuzu okufanele uMengameli Cyril Ramaphosa, akhulume ngawo uma esethula inkulumo yosuku emcimbini wangoMgqibelo.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe elinye lamaphuzu okubhekwe ukuthi uRamaphosa akhulume ngawo wudaba lokubhacaza komasipala.
"Asikwazi ukulushalazela udaba lokwehluleka komasipala ukuhambisa izidingo. Senza isethembiso sokuthi sizolungisa izinkinga ezibhekene nomasipala ngesikhathi sinengqungquthela yethu ngonyaka odlule. Siyazi ukuthi izinkinga zikuphi komasipala futhi siyazi ukuthi yini okufanele yenziwe. Asizukugcina nje ngokukhuluma ngalolu daba kodwa sizophinde sithathe izinyathelo ezibonakalayo."
UNkk Bhengu-Motsiri uthe ngeke lisale ngaphandle nephuzu elithinta amalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.
Ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo luzoba phakathi kukaNovemba noJanuwari ngonyaka ozayo.
I-ANC izoya kulolu khetho ixhugela njengoba ingazange yenze kahle okhethweni lukazwelonke olwalungo-2024.
Le nhlangano yathola u-40% kuzwelonke, nokwayiphoqa ukuthi ifune amaqembu ezobambisana nawo ukuze ikwazi ukuqhubeka nokuphatha.
I-ANC yaphinde yalahlekelwa yisifundazwe iKwaZulu-Natal, yaphinde yahluleka ukunqoba ngamalengiso eGauteng.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe uRamaphosa uzokhuluma ngalolu khetho olubhekwe ngabomvu.
"Ngeke sikubalekele ukuthi ukhetho seluseMome, ngakho ke kukhona esizokusho ngamalungiselelo okhetho oluzayo."
Related Topics: