Izindaba

Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa emsakazweni Ukhozi FM

Charles Khuzwayo|Published

UMBUSO Khoza usehoshe imfe engosini abenayo kuKhozi FM

Image: SIGCINIWE

UDUDU Khoza osakaza iJabul' Ujule oKhozini

Image: SIGCINIWE

ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu. UMbuso uthe useyashiya kulo msakazo ngenxa yokuthi usezogxila ekuzithuthukiseni ngokwemfundo.

"Manje sengibuyela ezincwadini njengoba ngimatasatasa neziqu zami zeMaster's Degree emkhakheni weMusical Theatre, ngibone kumele ngazise wonke umuntu ukuthi sengithi khumu." UMbuso (47) uthe waqala ukubamba iqhaza oKhozini kusukela ngo-2016.

"Siqale ngengosi esihloko sithi Ijadu Le-Afrika ngaphambi kokwenza ethi Ikhosomba Lezingcithabuchopho."

Uthe umuntu ambonga kakhulu ngengqayizivele yethuba lokuzwakala esikhondlakhondleni somsakazo omkhulu emhlabeni jikelele, umsakazi uDudu "Lady D" Khoza. Iningi labalaleli likhihle esikaNandi ngokuhosha imfe kwaleli ciko.

Abanye bakhwele badilika kuKhozi FM ngokuvolontiyisa ingcithabuchopho enjengoMbuso iminyaka emingaka ekubeni ebebebambe elikhulu iqhaza. Babuye banxusa ukuba kungalindwa ukuba uMbuso aze adlule emhlabeni ngaphambi kokuba abongwe ngamagalelo akhe ekuqhakambiseni amasiko nomkhakha wezobuciko. Bonke bathe bebencela kogwansile kuMbuso ngenxa yokuthi unolwazi olunzulu ngamasiko akuleli.

Banxuse ukuba aqhubeke nalo msebenzi abewenzela Ukhozi ngisho nasezinkundleni zokuxhumana. Ngaphandle kokwazi umlando uMbuso ungomunye wabaqambi bezingoma abahlonishwayo kuleli. Amagalelo akhe ayaziwa ngisho nasemidlalweni yethelevishini ebikhonjiswa kuMzansi Magic, ikakhulukazi iShaka Ilembe noMkhokha The Curse lapho abedlala khona indawo kaMaphalala.