ISIMINYAMINYA emngceleni wakuleli neZimbabwe eBeitbridge
Image: Facebook
SIQALILE isiminyaminya emingceleni yakuleli njengoba beqhubeka nokubuya abantu basemazweni angaphandle, abebevakashele emazweni abo ngesikhathi samaholidi.
Inhlangano egade imingcele yakuleli, iBorder Management Authority (BMA), ithe abantu abafuna ukungena kuleli baqale ukwanda ngempelasonto.
UKhomishana weBMA, uDkt Michael Masiapato, uthe abantu abaningi abafuna ukungena kuleli baqhamuka emazweni iZimbabwe, Malawi, neZambia.
AMASOSHA ahlola amabhasi angena kuleli emingceleni eyehlukene yezwe
Image: X
UMasiapato uthe ngoMgqibelo kungene abantu abangaphezu kuka-20 000, wathi nayizolo bebelindele ukuthi kungene isibalo sabantu abangaphezu kuka-20 000.
"Kumatasa kakhulu lapha, amabhasi agcwele abantu abafuna ukungena kuleli afika kanye kanye. Izolo mhlawumbe kufike amabhasi angu-50. Ukufika kwamabhasi kanye kanye kwenza ukuthi kube nesiminyaminya ngoba kuthatha isikhathi ukuthi sikwazi ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abasemabhasini banamaphepha afanele abagunyaza ukuba babe kuleli. Ngaphandle kwamabhasi kuphinde kube nenqwaba yezimoto nazo ezilayishe abantu."
UMasiapato uthe bayazama ukunciphisa isikhathi abantu abasihlala emingceleni belinde ukuba bavunyelwe ukuba bangene kuleli.
"Ngeke ngikuphike ukuthi sinayo inkinga yengqalasizinda kodwa ke siyazama ukuqhamuka namaqhinga okunciphisa isiminyaminya. Sivule izindawo eziningi lapho sibheka khona ukuthi abantu banawo yini amaphepha abagunyaza ukuba bangene kuleli."
IQASHWE ngelokhozi imingcele yakuleli
Image: X
UMasiapato uthe umngcele okumatasa kakhulu kuwona iloyo ohlukanisa elakuleli kanye neZimbabwe, iBeitbridge.
Uthe balindele ukuthi senyuke kakhulu isibalo sabafuna ukungena kuleli kule mpelasonto nokuyimpelasonto yokugcina yamaholidi ezolandelwa ukuvulwa kwezikole.
"Ngokubuka kwethu iyona mpelasonto ezokuba matasa lena ngenxa yokuthi bonke abantu bazokube bebuyela emsebenzini."
UMasiapato uthe kukhona abantu ababanjwe bezama ukungena kuleli ngamaphepha awumgunyathi.
NgoLwesine nangoLwesihlanu bangaphezu kuka-540 abantu ababanjwe bezama ukungena kuleli ngokungemthetho.
UMasiapato uthe bazoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi abekho abantu abazofohla.
Uthe bazobambisana nezinye izinhlaka okubalwa abombutho wezokuvikela kanye namaphoyisa.
Related Topics: