Izindaba

I-SACP idlala ngegeja kuziliwe - Mantashe

Sabelo Nsele|Published

USIHLALO we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe. othi iSACP idlala ngegeja kuziliwe ngokungenela ukhetho ngokuzimela

Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers

USIHLALO kazwelonke kwi-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uthi ukuphikelela kweSACP nokungenela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo ngokuzimela kufana nodlala ngegeja kuziliwe ngoba kungase sisho ukuphela kwale nhlangano.

Ukusho lokhu kuSABC News, lapho ebekhuluma khona ngamalungiselelo omgubho wosuku okwasungulwa ngayo i-ANC, iJanuwari 8.

I-SACP ebikade yeseka i-ANC ezinkethweni ezedlule, izongenela ukhetho oluzayo ngokuzimela.

UMantashe uthe iSACP igagamelile ngokuphuma ibhodwe layo.

"Iphutha elikhulu leli elenziwa yiSACP. Zwana ngami, iphutha leli. Ngiyilungu lokuqina leSACP. Ngajoyina iSACP ngeminyaka yama-80. Iphutha elikhulu leli lokuthi iSACP inqume ukuhambela kude namadlelandawonye esikhundleni sokuba ilethe ubuchule bayo lapha kwi-ANC. Iphutha elikhulu leli. Lesi sinqumo kungenzeka siyelekelele iSACP futhi kungenzeka ukuthi siyingcwabe. Ingakho ngithi bagembula ngekusasa labo."

UMantashe uthe abaholi beSACP bekufanele basebenzise izinhlaka zangaphakathi kwi-ANC uma kukhona izinto abangajabule ngazo, wathi kusukela kudala vele amalungu eSACP abeba nesandla ekuthathweni kwezinqumo kwi-ANC.

Uthe ayikho into abazoyenza njengoba sebehlulekile ukunxenxa iSACP ukuba ingaqhubeki nokungenela ukhetho.

"Ekugcineni kosuku iSACP nayo iyiqembu elizimele, nathi siyiqembu elizimele. Asikwazi ukubathathela izinqumo."

UNobhala Jikelele weSACP uMnuz Solly Mapaila, obekhuluma ohlelweni olufanayo, uchithe okushiwo uMantashe.

"Sihlabela phambili ekungeneleni ukhetho. Akusona isinqumo sami kodwa ngesathathwa ingqungquthela."

IJanuwari 8 yakulo nyaka izobanjelwa esifundazweni iNorth West, lapho i-ANC izogubha iminyaka engu-114 yasungulwa kanti uMengameli uCyril Ramaphosa, uzokwethula inkulumo yosuku.

I-ANC izobamba umhlangano wesigungu esiphezulu namhlanje, lapho izokhuluma khona ngamalungiselelo omgubho.

UMantashe uthe iJanuwari 8 ibanikeza ithuba lokuba babuke ibanga asebelihambile baphinde bacabe indlela eya phambili.

UMantashe uthe kuningi okwenziwe uhulumeni oholwa i-ANC kule minyaka eyedlule.

"Inkinga ukuthi akukhulunywa kakhulu ngezinto ezinhle ezenziwe uhulumeni we-ANC. Abantu bakhuluma kakhulu ngezinto ezimbi. Uma ngenza isibonelo nje abantu bayathanda ukukhuluma ngokungcola edolobheni eGoli, kodwa akekho okhuluma ngemigwaqo emihle exhumanisa iGoli kanye namanye amadolobha afana nePitoli. Uhulumeni oholwa i-ANC wakhe imigwaqo esezingeni futhi kunabafundi abaningi abathole uxhaso lokuqhuba izifundo zabo."