Izindaba

Kuyashuba kwaboMndeni njengoba sebexabana bodwa

Charles Khuzwayo|Published

DABULA

Image: X

MAHLALENTABENI

Image: FACEBOOK

ABAZAKHELE udumo ohlelweni lwempilo yangempela kwiMoja Love, Umndeni, baphendulane kabuhlungu ezinkundleni zokuxhumana.

UMahlalentabeni Maseko noDabula sebephenduke inkukhu nempaka emuva kokuba uDabula nomyeni wakhe, uMaseko, baveza ukuthi bona baphatheke kahle kakhulu kwiMoja Love ekubeni uDabula noNkanyezi Hlatshwayo badalula ukuthi bahlukumezekile kulolu hlelo.

UMahlalentabeni wabe eseveza ukuthi kufanele uDabula ancome iMoja Love yingoba akanalo ipasi. Manje kufanele ayincome ukuze alale edlile. Indaba iqale phansi emuva kokuba uMahlalentabeni, okuqale kwathiwa akasekho emhlabeni, ekhuluma emuva kokusinda kade ezama ukuzibulala. Uthe ubefuna ukuzibulala ngenxa yokuthi ubengenayo imali yokuthengela umndeni wakhe izinto ebezidingeka ngoKhisimusi. Uze wathi namanje akazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani njengoba kufanele ahambise izingane ezikoleni.

UDabula ubuyile wathi uMahlalentabeni ubezibulaleni ngoba wathi yena uyingwenya. Umnxuse ukuba ahlukane negama lakhe kodwa anake izinkinga zakhe ngoba yena unethezekile kwiMoha Love. Nakuba kunjalo kodwa abantu bamgxekile uDabula ngokulwa nomuntu osasinda ekuguleni. Babuye bagxeka nokuphula kwakhe isiNgisi esikhundleni sokukhuluma ulimi lwebele.

Ukungahosehlani kwalaba ebebesithenjeni sikaMaseko kuqale ngesikhathi  uMahlalentabeni noNkanyezi besabisa ngokuphenya izinqe lesi siteshi esikhonjiswa kwiDStv Channel 157 uma kuwukuthi abakhokhelwa imali abayikweletwayo. Kwaqala uMahlalentabeni, ongumamkhulu kulolu hlelo, wathi inkinga yaqala ngesikhathi ebazisa ukuthi ugulelwa abomndeni wakhe. Wathi wabe esecela abadidiyeli ukuba bamnikeze imali esele ukuze anakekele abantu bakubo.

Eqhuba uMahlalentabeni wathi wathuka kwaphela nokusozwaneni efakelwa u-R40 000 kuphela. Wathi  yena ukube wayazi ukuthi bazoholelwa amakinati wayengeke esavuma ukushutha. UNkanyezi wathi baningi "abaxhashazwe yiMoja Love" kangangoba abanye baze bashona bekhala. Wathi iningi belingakwazi ukukhuluma ngoba belisatshiswa.

Wathi yena wangena ngenxa yengane yakhe, ugobela wakhe nesoka lakhe ngoba enethemba lokuthi bazokhokhelwa kodwa bagcina benganikezwanga nendibilishi. UNkanyezi wathi ukukhala kwakhe kwenza wagcina esenyamanambana kubadidiyeli kangangoba waze wancishiselwa nezindawo abebonakala kuzo. Wathi wanikezwa indawo encane, okusho ukuthi nomholo wawuzoncipha. Eqhuba wathi kunesikhathi lapho aqopha khona iziqephu eziningi kodwa kwithelevishini kwavezwa ezincane.

Wathi washaqeka ebona iMoja Love iyonikelela imindeni efelwe yizingane ngo-R150 000 ekubeni bona bebulawa yindlala. 

Ethintwa okhulumela iMoja Love, uNonzwakazi Cekethe, wavuma ukuthi usebenze nabakulolu hlelo iminyaka eyisithupha.

Wathi baqala belekelela obeqavile ohlelweni kodwa bagcina sebenikwa izindawo eziqavile, "okuwubufakazi bokuthi i-channel isebenza kanjani ukubacija futhi ibeseka yonke le minyaka. Ngebhadi bakhethe ukuya kwiTikTok ekubeni i-channel ihlale ineminyango evuliwe futhi ibixhumana nabo. Isibonelo nje, omunye wabebesohlelweni kuthe enesimo esiphuthumayo esiqondene naye, isiteshi senza konke okusemandleni ukumsiza ngenxa yobudlelwano obuhle esinabo naye futhi samlekelela nangemali."

UNonzwakazi uthe kube noxhaxha lwemihlangano lapho abasohlelweni bechazelwe kabanzi ngezivumelwano ngolimi nangendlela abazoyiqonda maqede benza imisebenzi yabo ngendlela.

"Kuyashaqisa ukuthi bakhethe le ndlela ehlanekezela iqiniso, edicilela phansi isithunzi nokuhlasela okungenasidingo. Isiteshi sihlale siyivulile iminyango yokuxoxa," kuphetha uNonzwakazi.

Nomakunjalo kodwa uMahlalentabeni noNkanyezi bathi bazame kaningi ukuxhumana nabadidiyeli bohlelo kanye nezikhulu zalesi siteshi ngalolu daba kodwa beyingaphendulwa imiyalezo yabo futhi bagcine sebe-blockwa. Bathe yingakho begcine bephoqelekile ukuba bayokhuluma kwiTikTok. Baze basabisa ngokuthi bebesakha phezulu kodwa basazogeqa amagula kuma-podcast abasazowahambela.