UMAFIKIZOLO ngomunye wabaculi abangungqa-phambili kuNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula
Image: FACEBOOK
UFIKILE 'DJ Mbaweezy' Mbalula okhiphe uhlu lwezingoma ezilishumi ezimgeze ubebebe kulo nyaka
Image: SIGCINIWE
UMCULI kamaskandi, uLethukuthula "Umafikizolo" Mhlongo, uyaqhubeka nokuqopha umlando kule ndima. UMafikizolo uyena kuphela umculi kamaskandi onengoma kwezingu-10 eziyizintandokazi zikaNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula.
Uyoncengwa Unyoko ukleliswe wuMbalula kunombolo 9. Ekhuluma neSolezwe, uMafikizolo uthe zisezincane lezi zimanga ezisagilwe yileli noni lakhe.
"Ngizobonga nje ithuba lokuba ingoma ithole ukuvunywa ngumuntu omkhulu kangaka okunguNobhala Jikelele we-ANC. Lokhu kubonisa ukuthi kusebenzekile kakhulu."
Ephawula ekhasini lakhe lika-X, ubhale kanje uMbalula: "Lo nyaka bewusemgangathweni emkhakheni womculo futhi amaciko akhiqize umculo omnandi. Ziningi izingoma engizijabulelile kulo nyaka futhi nginesiqiniseko sokuthi iningi lenze okufanayo. Ngezansi ngiklelise izingoma ezingu-10 kwezingi engizijabulelile. Zijabulele," kushaya ngezinqamulelayo uMbalula, odume ngelikaDJ Mbaweezy uma eseklwebha amapuleti ezindaweni zobumnandi.
NgokukaMbalula, ingoma eziqwaqwade emakhanda kulo nyaka ngekaDJ Maphorisa, Xduppy noKabza De Small ethi Abantwana Bakho. Nakunombolo 2 kuhleli ingoma yalezi zinsizwa ethi Dlala Ka Yona.
EkaStogie T ethi Foursemen ilele isithathu. Kulandele ekaMakwa & Kwesta ethi Umguzumbane We Summer, ekaTyla ethi Channel, ekaSimmy ethi Moya Wami, ekaBlack Coffee ehambisana noMonique Bingham, DBN Gogo noNtwanaR ethi Deep In The Bottom (of Africa), ekaDJ Shimza ehambisana no-AR/CO kanye noKasango ethi Fire Fire bese ekugcineni kuba ngeyeSpirit of Praise ethi Thath' Indawo.
Kwi-TikTok's Official Songs of Summer 2025, ingoma kaMafikizolo ikleliswe nethi Ngishutheni kaGoon Flavour, Master KG no-Eemoh, okuyiyo eqengqeleza phambili. Elele isibili ngekaKhadeair ethi Magumba. Kulandela ekaCiza ehambisana noJazzworx kanye noThukuthela ethi Isaka (6am), ekaMafikizolo, ekaMyztro noLeehleza ethi Tobetsa 3.0 nezinye. UMafikizolo uthe nakuba ebengakaluboni uhlu lweTikTok kodwa kumjabulise kakhulu.
"Kuningi okwenziwa yile ngoma okukhulisa igama lami. Ngangingazi kuthi ngiyoke ngibange isiteji nabaculi abakhulu, abakwamanye amazwe nabakwezinye izinhlobo zomculo. Noma ngifika emcimbini bayangihlonipha. Ngiyabonga nje kakhulu nakubathandi bomculo ukuyinika uthando ingoma ngoba ukube akubona ngabe akunjena."
UMafikizolo ube esebonga kakhulu ozakwabo acula nabo umaskandi ngendlela abameseka ngayo. Ngaphandle kwemicimbi aqashwe kuyo eminingi, uMafikizolo uphinde wamela umculo kamaskandi kwiTop 10 yoKhozi FM neyoMhlobo Wenene.
UMAFIKIZOLO uyena mculi kamaskandi ongaconsi phansi kuNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula nakwiTikTok
Image: SIGCINIWE