KANSAS CITY MCHUNU
Image: X
JOSHUA MLABA
Image: FACEBOOK
IGIDIGIDI lesimanje lokungena onyakeni omusha ngengoma enedumela lakhele phezu kojulile umlando ozingxabo zawo zisemsakazweni wesiZulu, Ukhozi FM.
Yize sekunemisakazo ethe chithi saka emoyeni esithathe lolu siko lwengoma yokungena onyakeni omusha njengoba kuzobe kwenzeka phakathi kwamabili namuhla, Ukhozi lusalokhu luyifolosi kule nkundla ngenxa yokuthi lo mkhuba waqubuka ngaphakathi kubasakazi balo msakazo.
Eminyakeni eyedlule, bekwazi ngisho nengane encane ukuthi kufanele kushaye u-10 ebusuku ngoDisemba 31, wonke umuntu esesekhaya elindele "izinsimbi" zikaJoshua Mlaba ngo-12. Ngaleso sikhathi bewuqinisekisa ukuthi amabhethri ewayilense agcwele phama.
Umsakazo olalelwe ngaleso sikhathi wawuwodwa zwi kuyo yonke imizi, kuyiRadio Zulu, esibizwa ngoKhozi FM. Kwesinye isikhathi bewuyicisha eyakho ulalele eyakwamakhelwane uma uzwa ukuthi uvulele igumbagumba esho phezulu, i-HiFi.
Ngisho sekufike isikhathi sama-LP namakhasethi, nama-CD imbala, kwakumiswa konke phakathi kwamabili mhla ka-31, kulindelwe umsakazi ozowelisela abantu onyakeni omusha.
AMAVULANDLELA
Nakuba bebebaningi abasakazi abathola le ngqayizivele yethuba kodwa phakathi kwamavulandlela ashiya umaka kulolu hlelo kukhona uJoshua Mlaba, Umfana waseNkwezela. Uyena owafika wamba umgodi. Ngaleso sikhathi wayengadlali ngoma. Wayevamise ukuthi athi "Bamba umuntu wakho umsondeze eduze." Kwakumnandi nalokho kubalaleli.
Kwabe sekulandela abanye abanjengoWenzel "Sjula Somkhonto" Mnisi, Umfana WaseCabazini Uma Uthanda, owadumisa ukudlala izinsimbi kuphela.
Ngubani ongakhohlwa uCyril Bongani "Kansas City" Mchunu, Umfana Omuhle Kunabo bonke Emhlabeni. Nayo indodana kaMam' Miriam Mchunu, yafike yawumba washona kakhulu umgodi. Nakuba kunjalo uMandla "Tripple M" Malakoane noLinda "Mr Magic" Sibiya, bangena khaxa ezicathulweni zakhe. Muva nje, uhlelo lududulwe ngempumelelo uKhathide "Tshathugodo" Ngobe ebambisene noLungisani "Selbeyonce" Mkhize, abafike bayibeka induku ebandla.
Nyakenye, Isolezwe lakhuluma noMr Magic noMalakoane ukuzwa uvo lwabo.
UMalakoane wathi ngezikhathi zabo babenikeziwe amandla njengabasakazi ukuba bayithungathe baze bayithole ingoma ezothandwa nguwonkewonke. Wathi babevakashela nasemalokishini beyozwa ukuthi abantu baphawula bathini. “Ngenhlanhla kwakuba yingoma nathi esiyibona ifanele ukuhlukanisa unyaka.”
UMr Magic wathi bona babekhetha ingoma ethandwa ngabantu abaningi futhi eyayisuke ibhekwe ngabomvu, wathi ngezikhathi zabo kwakungavotwa kodwa ingoma yayikhethwa yikomiti.
"Sasibheka ingoma edlala kakhulu, sibheke neminye imisakazo ukuthi iyiphi ingoma ethandwayo kuyona sizwe nasezitolo zomculo. Umphathi wezinhlelo ngaleso sikhathi, uBheki Msane, wayethi uthini Sibiya, uthi yiziphi izingoma? Bese ngiyasho ukuthi yilezi ezikwiTop 10. Ikomiti lalizibheka sivumelane ngazo sonke."
UMalakoane wacashunwa ethi ukuvotelwa kwengoma kulehlisile isasasa ngoba akusayi ngokuthi ingoma imnandi yini kodwa sekuya ngokuthi umnikazi wayo unemali noma unabalandeli abaningi. UMr Magic wathi okungabuyisa isasasa ngalolu hlelo ukuba kuqedwe indaba yokuvotelwa kwengoma bese kubuyelwa ohlelweni olwalusetshenziswa kudala.
Lezi zintandokazi zikhuluma kanjena nje, mkhulu umsindo ngengoma ehlukanisa unyaka kulo msakazo.
Ukudlalwa kwezingoma ebezingalindelekile yikho okwenza Ukhozi lwaqala ukuqhamuka nezinguquko.
Lokho kwaqala ngokuthi unyaka uhlukaniswe yingoma yeMalaika eyayithi 2bhobho esikhundleni seyoShwi Nomtekhala eyayishisa izikhotha eyayithi Ngafa ngo-2005. Ngo-2012, kwaphinde kwashaywa amakhala ngokuthi unyaka uhlukaniswe yingoma ka-DJ Tira eyayithi Summertime, esikhundleni seka-DJ Vetkoek & Mahoota eyayithi Via Orlando (Remake) ngo-2012.
UKUVOTELWA KWENGOMA
Kuthe ngo-2015, kwaqala uhlelo lokuvotelwa kwezingoma ezilishumi nokwahlabana khona ingoma kaSPHEctacular & DJ Naves ngengoma ethi Kotw Anthem (Ngicishe Ngafa). Lolu hlelo lonakale sekuphumelela ingoma kaDJ Hlo ethi Isibani eyayingaziwa ngo-2021. Cabanga ngoba yayiqhathwe nekaZakes Bantwini noKasango ethi Osama, okwakuyiyo eyayishisa izikhotha.
Kuphinde kwaqubuka umsindo sekuphumelela ekaKhuzani ethi Umjolo ngo-2023, esikhundleni sekaMthandeni SK ebishisa izikhotha ethi Paris. Sekungumlando ukuthi iParis iqophe umlando ngokuba yingoma yokuqala kamaskandi ukuhlabana nendondo yeRecord of the Year kumaSama ngo-2024.
Nazi izingoma esezike zawuhlukanisa unyaka kwangaba namsindo;
2000: Mandoza - Nkalakatha, 2001: Zola - Mdlwembe, 2002: Mafikizolo - Ndihamba Nawe, 2003: Mzekezeke - Akekho Ugogo, 2004: Malaika - Destiny, 2006: DJ Sbu - Remember When It Rained, 2007: DJ Cleo - Sisi Ngihamba Nawe, 2008: DJ Cleo - Hands Up, 2009: Big Nuz - Umlilo, 2010: Professor Langa - Jezebel, 2011: Big Nuz - Serious, 2013: Uhuru - Ytjukutja, 2014: DJ Merlon ft Mondli Ngcobo - "Koze Kuse", 2016: Mroza - Elamanqamu (okwaba yingoma yokuqala kamaskandi ukudla umhlanganiso), 2017: Distruction Boyz - Omunye, 2018: Prince Kaybee ft Busiswa- Banomoya, 2019: Ntencane - Wawuthembeni, 2020: Khuzani - Ijele, 2022: Big Nuz - Ngeke nango-2024: Mthandeni SK- Gucci.
UKhuzani ube wumculi wokuqala kamaskandi ukuhlukanisa unyaka ephindelela. Ngo-2019, lwaphazamiseka lolu hlelo ngenxa yesimangalo esafakwa wu-Owen Ndlovu. Ingoma kaNtencane yaze yadlalwa ngoMashi. Nakulo nyaka ziqubukile izikhalazo ngenxa yokuthi abalandeli bakaMafikizolo noMawhoo bebekhalaza ngokuthi uma bevotwa kubuya impendulo ethi "Siyabonga ngokuvotela u-A," ekubeni uMawhoo ewuhlamvu-E kanti uMafikizolo ungu-F.
Laba baculi baze baphumela obala bakhalaza ngenxa yokuthi uMafikizolo ubehamba phambili ekubeni uMawhoo emhleli ezithendeni. Ukhozi lwathi abalandeli abehlise amaphaphu konke kusahamba kahle.
Zimi kanje izingoma ezidlana imilala kulo nyaka:
Skillz - Mama, Sam Deep - Shela, Jazzworx noThukuthela - Uma Wengane, Zee Nxumalo -Mali, Umafikizolo - Uyoncengwa Unyoko, Ciza - Isaka (6am), Sjava - Uyena, Professor- Order, Mawhoo - Bengicela noDJ Tira - Awungazi.
MANDLA MALAKOANE
Image: SIGCINIWE
MR MAGIC
Image: SIGCINIWE