ABEPHUME ngobuningi bawo amalungu eSikebhe emcimbini obusesigodini saseMatini, endaweni waKwaMamba
Image: ZAMANI MATHE
KUDONSWE ngendlebe amalungu eSikebhe (inhlangano elwa nokwebiwa kwemfuyo KwaZulu-Natal) ukuba aze angalokothi asukumele icala elingabikiwe emaphoyiseni ngoba azobe ezidonsela amanzi ngomsele kungenasidingo.
Lo myalelo ushiwo ngumengameli wale nhlangano, uMnuz Sibangani Manyathi, emcimbini wokuphethwa konyaka esigodini saseMatini, endaweni yaKwaMamba, phakathi kwaseShowe naseNkandla. UManyathi ubuye wadonsa ngendlebe amalungu ukuba aze angalokothi abhonye abantu abasolwayo ngezagila ngoba kuphambene noMthethosisekelo wabo.
Ukhalaze kakhulu ngokungabi bikho kokubambisana phakathi kwamalungu eSikebhe, amaphoyisa neminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal. UManyathi ubuye wanxusa amalungu abo ukuba aziqhelanise nepolitiki ngoba bona basebenza nawo wonke amaqembu futhi wanxusa osihlalo ukuba bahlukane nokugxambukela ezindabeni zemindeni nemibango esemakhosini. Ukhombe umnyango thizeni kahulumeni ngokungafuni ukubambisana neSikebhe.
"Kunezikebhe eziphethwe wumnyango, okuthi uma sekonakele kuthiwe yiSikebhe esethu. Akube kusashiwo ukuthi yilesi sikebhe esiphethwe wumnyango. Thina siba nomhlangano omkhulu lapho siwubiza khona umnyango kodwa ungezi kodwa uma sekonakele uyasithinta. Asinakho nje ukubambisana nomnyango."
UManyathi ubuye wahlaba kakhulu amaphoyisa asebenzisana nezigebengu. Uthe amanye amaphoyisa afike ahlasele emizini yosihlalo azofuna izibhamu, emuva kwalokho ozihlalo batholakala bebulwe yizigebengu.
Lo mcimbi bewuhanjelwe yizikhulu zamaphoyisa ezizivumele ukuthi ziyahambisana nokusebenza kweSikebhe. Lezi zikhulu zinxuse amalungu eSikebhe ukuba anganqeni ukufaka izikhalazo zazo ezinhlakeni ezifanele zamaphoyisa. Iphini likamengameli weSikebhe, uMnuz Zakhele Mncube, ligxeke ukushaywa kwabantu abagangayo ngaphansi kwezinyawo.
UMncube ukhale kakhulu ngokubulawa kozihlalo beSikebhe ngamaqembu omphakathi noma ngamaphoyisa. Uthe kuzofika lapho nabo becikeka khona kangangoba baze bazijezisele abasolwa.
"Akekho ushameni esizobulawelwa yena. Uma kubulwa ushameni ngenxa yamaphoyisa noma yiqeqebana labantu abathize, ngeke kuthuleke," kusho uMncube.
Inkosi yaseMgazini, uXolani Ntshangase, ithe samukelekile iSikebhe endaweni yayo kodwa yakhala ngabantu abanemfuyo ewumvanzi emigwaqweni yakule ndawo. UNtshangase unxuse abanikazi bemfuyo ukuba bayiqoqe ngoba igcina seyidala iziphihli zezingozi.
UMENGAMELI weSikebhe, uMnuz Sibangani Manyathi (ogoqe izandla), neNkosi uXolani Ntshangase
Image: ZAMANI MATHE