Izindaba

Bagiye kwezwakala omaskanda abasayimithente esamila

Charles Khuzwayo|Published

USHENGE WASEHLALANKOSI

Image: FACEBOOK

UNHLOSO KHWELA

Image: FACEBOOK

LIGAYA ngomunye umhlathi kulezi zinsuku emculweni kamaskandi, abaculi kufanele babonge izinkundla zokuxhumana ezinjengoTik Tok. Ukuthi ingoma yakho iyadlalwa emisakazweni noma cha akusasho lutho, umculi useyavelela nje kalula. Izulu selithathe osemsamo lamphonsa emnyango kwathi obesemnyango lamphonsa emsamo.

Abaculi abafikayo endimeni yibo asebengomakhonya. Bashaye kwabola emakhosini kamaskandi nakubaculi asebemnkantshubomvu. Abenzi ngamlingo kodwa bakhulunyelwa yizingoma zabo. Namhlanje sibheka izingoma ezihlanyisa izithameli emicimbini, emisakazweni nama-views amaningi kuYouTube.

Okumangazayo ukuthi amanoni amaningi ashisa izikhotha nenza kahle yilawo apike iphimbo likaShenge waseHlalankosi. Ngakho uyadinga ukuthulelwa isigqoko ngokunonga lezi zingoma.

Kubabaculi abayimithente ehlame isamila emculweni nabanezingoma ezishisa izikhotha kulezi zinsuku kubalwa uNkeshemba wodumo lwengoma ethi Ngixolele Mntanami esinama-views awu-8.8 million nethi Isibaya esinama-views asedlule ku-4.5 million.

Kukhona uNhloso Khwela nengoma ethi UNikhodima esinama-views angaphezu kuka-18 million. UMphathi Wohlelo MC akazibekile phansi ngengoma ethi Intaba zoKhahlamba enama-views angaphezu kuka-7.3 million.

UMshini Wemali onengoma esihloko sithi Ncono Siyeke enama-views angaphezu kuka-16 million nethi Ithathe ngama-views angaphezu kuka-5.7 million.

Omunye oza kabi uSkhanga ngengoma ethi Sithola Uthando enama-views angaphezu kuka-4.6 million. UPhangindawo uvutha engabaselwe ngengoma ethi Luyazenzela enama-views angaphezu kuka-6.6 million.

UMketule akadlali nezingane njengoba ingoma yakhe ethi Abasemzini seyinama-views angaphezu kuka-7.8 million. UMasinga unengoma esihloko sithi Angikwazi Ukukhuluma enama-views angaphezu kuka-7.7 million.

UMfundo Mthiyane ungene shiqe ezinkunzini ngengoma ethi Umathandana Wami njengoba seyinama-views angaphezu kuka-6.4 million. UMahostela 97 uvele ngomhlubulo emakhosini ngengoma ethi Ngikheth' Utshwala njengoba seyinama-views angaphezu kuka-5.7 million. UMaColgate uza ngamawala ngengoma ethi Hamba njengoba seyinama-views angaphezu kuka-2.7 million.

UNtofontofo obuye aziwe ngelikaMjikelo, ugila izimanga ngenoni elithi Umlilo, okuyingoma esinama-views angaphezu kuka-2.9 million. UNyuswa ngengoma ethi NjengoZahara usenama-views angaphezu kuka-2.7 million.

UG Jealous akafikile kodwa ugalelekile emculweni ngengoma ethi Umaqondana ngoba seyinama-views angaphezu kuka-2.6 million. U-Two Ocean uyagabavula ngama-views angaphezu kuka-1.2 million ngengoma ethi Kuyaqala Kuyahlangana.

UMfo kaMsezane uyangqabashiya ngenoni elisihloko sithi Kukwandlwane, eligabe ngama-views angaphezu kuka-4.4 million. UJikijiki ubashiya benkemile ngenoni elithi Uqamba Amanga kangangoba linama-views angaphezu kuka-4.8 million.

 

 

 

 

NKESHEMBA

Image: FACEBOOK

UMSHINI WEMALI

Image: FACEBOOK

UMASINGA SGQOKO

Image: FACEBOOK

UMPHATHI WOHLELO MC

Image: FACEBOOK

UMKETULE

Image: FACEBOOK