UNKK Thabsile Mthethwa emukela ukudla kwiNkosi Herbert Mbongiseni Phumlani Sibisi nakuMnuz Mthokozi Mchunu
Image: ZAMANI MATHE
INKOSI yasendaweni yaKwaChwezi, eNkandla, uHerbert Mbongiseni Phumlani Sibisi, igqugquzele isizwe sayo ukuba sikhuthalele ukulima ukuze sixoshe ikati eziko.
Inkosi ikhulume kanje ngesikhathi inhlangano engenzi inzuzo yenzele izaguga uKhisimusi endaweni yaKwaChwezi, ngoLwesihlanu. Ithe ububha bubhokile kule ndawo ekubeni amasimu engodedangendlale. Inkosi ithe kunenqwaba yamasimu asephenduke ondingasithebeni ngenxa yokuswela abantu abazowalima.
Nakuba kunjalo kodwa inkosi ibuye yaphonsela inselelo uhulumeni, umasipala nosomabhizinisi ukuba baphonse itshe esivivaneni ngokuba baxhase isizwe ngogandaganda abambalwa ukuze silime ngabo ngenxa yokuthi ezinye izindawo sezingumqansa.
USibisi ushayele elikhulu ihlombe inhlangano iNkungumathe NPO ngokunikelela ngocingo olubiye amanye amasimu anganyelwe ngamalungu omphakathi. Ubuye wayitusa nangokwenzela izaguga uKhisimusi. Iningi lazo libuyele emakhaya liqiqinge wena rayisi, nyama, mafutha okupheka, Rama, nsipho nokunye okuningi.
Omunye wezaguga, uNkk Thabisile Mthethwa (64) KwaPhambana, uthe lokhu kudla kumlamulele endlaleni ebizomququda ngalo Khisimusi ngenxa yokuthi ubengazi uzothathani ahlanganise nani ukuze abeke ibhodwe eziko.
Uthe indlala beyizomququda nabantwana bakhe abayisikhombisa abakhulisa kanzima. Uthe ukuntula kumphoqe ukuba angasidlali nesitokofela. Usihlalo weNkungumathe, uMnuz Mthokozi Mchunu, uthe wenzele izaguga ngoba ekholelwa ekwabeleni abampofu.
"Ungajabuli ngoKhisimusi ekubeni umakhelwane wakho elambile."
Kulo mcimbi kunandise uMenzi, Falabo, uNkeshemba nabanye.
YINGXENYE yezaguga ezibuyele emakhaya ziqiqinge ukudla nezipho zikaKhisimusi
Image: ZAMANI MATHE
YINGXENYE yezaguga ezibuyele emakhaya ziqiqinge ukudla ezimukeliswe yiNkungumathe NPO KwaChwezi, eNkandla
Image: ZAMANI MATHE
YINGXENYE yezithameli ebezihambele uKhisimusi wezaguga KwaChwezi, eNkandla
Image: ZAMANI MATHE