Izindaba

Umunyu nosizi kufihlwa uDJ Warras

Nokubongwa Phenyane|Published

ISIDUMBU sikaDJ Warras siphuma lapho bekubanjelwe khona inkonzo yomngcwabo wakhe eRosebank, izolo

Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers

BEKUWUMUNYU wodwa emngcwabeni kaWarric Stock (40), odume ngelikaDJ Warras, odutshulwe ngesonto eledlule, eGoli. 

UWarras ufihlwe izolo, ngemuva kwenkonzo ebiseBandleni lamaKhatolika, eRosebank, eGoli. Ngemuva kwenkonzo kuvele ukuthi uzolothiswa.

Abomndeni bahluleke nokuzibamba kufika isidumbu sakhe njengoba babanye bephume ayombona nokube umzuzu onzima kuwona wonke umuntu obekhona, nobebukele ezinkundleni ezihlukene. 

Abomndeni baveze ukuthi bazohlala bemkhumbula njengeqhawe ebelilwela ukuthi abakuleli bahlale kahle ezweni labo. 

Enkonzweni yakhe belungekho uhlelo olude. Bekukhethwe abantu abambalwa okukhona kubo owomndeni, umngani nowenkonzo abafunde akade bekubhalile ngabakukhumbula ngoWarras, esaphila. 

Bonke bamchaze njengeqhawe abathe ngeke baze balilibale, wachazwa njengomuntu obethanda izingane zakhe.

UNomalanga Shozi usaziwayo osebenze nalo DJ, uthe ilahlekelwe kakhulu indima yezokusakaza nekaqedisizungu. Uthe uWarras uyohlala emkhumbula ngokuthanda abantu bakuleli kanjalo nokuthanda umsebenzi wakhe. 

U-DJ Sabby odabuka naye eVryheid, lapho uWarras ekhulele khona, uveze ukuthi bahlanganiswa yikho ukuthi baqhamuka edolobheni elilodwa nokuyinto eyabenza basondelana nakakhulu. 

"Wangamukela ngezandla zombili ngifika eYFM, ngimncane ngingazi lutho. Kodwa ngakhula ngaphansi kwesandla sakhe. Ubudlelwano bethu baqina uma sesithola ukuthi sizalwa edolobheni elilodwa. Ngizomkhumbula ngokuthanda izingane zakhe, nokungakhulumi ngokwesaba into uma engayithandi," kusho uDJ Sabby. 

Ngemuva kwenkonzo, umndeni ube usumemezela ukuthi uzoya kolothiswa, nokuzoba inkonzo okuzovumeleka kuyo umndeni kuphela. 

NgoMsombuluko, amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi babili besilisa ababoshwe ehostela, eSoweto ngokudutshulwa kukaWarras. 

UBrigadiere Athlenda Mathe uthe laba besilisa baboshwe ngemuva wezithombe zeCCTV abanazo. 

Laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namhlanje. 

KUBE wumzuzu onzima ngesikhathi sekubonwa okokugcina isidumbu sikaDJ Warras obefihlwa eGoli izolo

Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers