Nontembeko Boyce
Image: File/Sizwe Sibiya
ASHAYWE ngoswazi oluncane amalungu eMKP asolwa ngokususa udweshu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ngesikhathi kulalelwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli.
Amalungu eMKP angu-35 amisiwe emsebenzini futhi awezukuhola kulesi sikhathi asimisiwe, awezukuvunyelwa nokuhamba imihlangano emihlanu yokuhlala kwesiShayamthetho.
Lokhu kuvele ezincwadini ezibhalwe nguSomlomo esiShayamthetho, uNksz Nontembeko Boyce.
Amalungu eMKP avuka umbhejazane ngesikhathi uNksz Boyce enqaba isicelo sokuba kuvotwe ngokuyimfihlo esiphakamisweni sokungabethembi ubuholi bukaNtuli.
Amalungu eMKP atholana phezulu namaphoyisa, awajikijela ngezigubhu zamanzi.
Amalungu eMKP aphinde abamba uNksz Boyce ngesidlozane, amnqabela ukuthi aphume lapho okwakubanjelwe khona umhlangano.
UNksz Boyce uthe okwenziwa ngamalungu eMKP kuphambene nesigaba sesine somthetho olawulwa ukuphathwa kwePhalamende neziShayamthetho.
"Ukwephula lesi sigaba somthetho kuyicala elibomvu, ungaboshwa ngisho nokuboshwa. Uma ulahlwe ileli cala ungabhadla ejele noma uhlawuliswe."
AMALUNGU eMKP esusa isiphithiphithi esiShayamthetho ngeledlule
Image: Screenshot/SABC News
USotswebhu weMKP esiShayamthetho, uMnuz Bonginkosi Mngadi, uthe bazosiphonsela inselelo isinqumo sikaNksz Boyce.
"Sesibazisile ubuholi beqembu ngalesi sinqumo sikaNksz Boyce. Sizokuba nomhlangano maduze lapho sizoxoxa khona kabanzi ngalolu daba."
UMngadi uthe uNksz Boyce kufanele azisole yena ngodweshu olwasuka esiShayamthetho.
"Uyena owadala ukuthi kusuke umsindo. Ukube wavuma ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo wawungeke usuke lo msindo."
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli sachithwa.
Onke amaqembu abusa ngokubambisana, i-IFP, ANC, DA ne-NFP aphikisana nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli.
La maqembu anezihlalo ezingu-41 kwezingu-80 esiShayamthetho.
Ngamalungu e-EFF amabili kuphela aseka isiphakamiso seMKP.
AMALUNGU eMKP esusa isiphithiphithi esiShyamthetho ngeledlule
Image: Screenshot
Related Topics: