Umengameli was eMelika uDonald Trump
Image: Kevin Lamarque / AFP
ELAKULELI lisale ngaphandle ngesikhathi iMelika inikeza uxhaso lwezigidi zamadola emazweni asezwenikazi i-Afrika.
INingizimu Afrika ayitholanga lutho ngesikhathi iMelika isayina izivumelwano zokusebenzisa namazwe ase-Afrika. Lezi zivumelwano zizokwelekelela empini yokulwa nezifo ezithathelanayo e-Afrika.
INingizimu Afrika iyona ehamba phambili ngesibalo sabantu abahaqwe yingculaza e-Afrika.
IMelika isanda kunqamula uxhaso lwayo lwezinhlelo zokulwa nengculaza eNingizimu Afrika. Uxhaso lwanqanyulwa emva kokufungiswa kukaMengameli Donald Trump.
Uxhaso obelutholwa yiNingizimu Afrika ezinhlelweni zokulwa nengculaza lulinganiselwa ku-R400 million ngonyaka.
Uhulumeni wakuleli unyamanambana kuhulumeni kaTrump, njengoba esola uhulumeni wakuleli ngokuhlukumeza amaBhunu nokuwaphuca umhlaba wawo.
Okuphinde kufakele uhulumeni waseNingizimu Afrika isigcwagcwa kuhulumeni kaTrump isinqumo sakuleli sokumangalela elaKwa-Israel ngempi eqhubeka eGaza.
Icala elifakwe elakuleli lithethwa eNkantolo yaMacala aMazwe oMhlaba.
Mumva nje, uTrump usanda kumemezela ukuthi iNingizimu Afrika ayamukelekile emhlanganweni wamazwe angaphansi kweG20 ozobanjelwa eMelika, ngonyaka ozayo.
UTrump akazange alubhade emhlanganweni weG20 owawubanjelwe kuleli.
Ngesikhathi uTrump ehoxisa uxhaso alunika iNingizimu Afrika, maningi amanye amazwe ase-Afrika athelwa amachaphazelo, nawo aphucwa uxhaso.
UTrump useqalile ukuwasondeza amanye amazwe answinywa kanye neNingizimu Afrika njengoba esayine izivumelwano zokusebenzisana nawo ezintsha.
Phakathi kwamazwe ahlomulile kubalwa iNigeria, Kenya, Rwanda, Cameroon, eSwatini namanye.
Izivumelwano ezintsha zikhombisa ukuthi amazwe ahlomulile azoyihlangabeza iMelika.
IMelika izokhipha u-8 billion wamadola bese kuthi amazwe ahlomulile wona akhiphe u-$5 billion.
IHhovisi likaTrump lithe isivumelwano esisha sikhombisa ukuzinikela kweMelika ekulweni nezifo ezithathelanayo.
"Ingqophamlando lena. IMelika izoqhubeka nokuxhasa izinhlelo zokulwa nezifo ezithathelanayo, iphinde futhi iqhubeke nokuqinisa ubudelwano bayo namanye amazwe."
Isivumelwano esisha sithi iMelika izokelekelela ekuthengweni kwemithi nemishanguzo yokulwa nokusabalala kwezifo, ukuholela abasebenzi kanye nokuqoqa ulwazi.
Isivumelwano siphinde siveze ukuthi mazwe azokwenza kahle azothola uchatha.
Related Topics: