Izindaba

INingizimu Afrika ilengela eweni - Mbeki

Sabelo Nsele|Published

Thabo Mbeki

Image: X

OWAYENGUMENGAMELI, uMnuz Thabo Mbeki, ubona iNingizimu Afrika ilengela eweni elibi.

UMbeki uthe izwe libhekene nenkinga enkulu, wathi okubi ukuthi akasiboni isixazululo.

Ukusho lokhu ekhuluma emngcwabeni waloyo owayengumeluleki wakhe, uMnuz Titus Mafolo, oshone ngeledlule. UMafolo ubeyisishoshovu se-ANC aphinde abe usomabhizinisi odumile.

UMbeki utshele abebehambele umngcwabo kaMafolo ukuthi iNingizimu Afrika isengcupheni yokuphonseka eweni, wathi idinga amadoda afana noMafolo ukuze ikwazi ukuphuma kule nkinga elengela kuyo.

"UTitus ushone ngesikhathi esibi lapho i-ANC ibhekene khona nezinkinga eziningi. Izwe libhekene nenkinga enkulu."

UMbeki uthe limfiliba ikusasa lezwe.

"Angazi ngani kodwa mina angiboni ukuthi libhekephi leli zwe. Angazi ukuthi lizokube likuphi kusasa leli zwe. Sibhekephi ngempela? Sizozixazulula kanjani lezi zinkinga esibhekene nazo? Lana ngikhuluma ngobugebengu, ezomnotho, isibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi kanye nezinye izinkinga. Sizophuma kanjani kulezi zinkinga? Sidinga abantu abafana noTitus Mafolo ukuze bezosikhipha kule nkinga esikuyona."

UMbeki uthe uMafolo wabamba iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni elakuleli ngesikhathi kungena uhulumeni wentando yeningi.

"Lana ngikhuluma ngomuntu owasebenza ngokuzikhandla elwela ukuba kube nomehluko phakathi kwesimo izwe esalifica likuse. Izwe salishiya lingaphansi kwesimo esehlukile kunaleso esalifica likuso ngesikhathi sesishiya. Saba nenhlanhla yokuzitholela umuntu ozinikele emsebenzi wakhe."

UMbeki unxuse ukuba abasebenzi bakahulumeni bahambe ezinyathelweni zikaMafolo.

"Njengoba engasekho, indlela eningamhlonipha ngayo ukuba nilandele ezinyathelweni zakhe. Indlela eningamhlonipha ngayo yilena yokuthi nilwele ukuxazulula izinkinga ezibhekene nezwe."

UMbeki waba umengameli wakuleli phakathi emva kokhetho lwango-1999 kwaze kwaba i-ANC imtshela ukuthi ashenxe sekusele unyaka owodwa ukuthi aqede ihlandla lakhe lesibili.

Kusukela i-ANC yamkhipha esikhundleni ubudlelwano bayo noMbeki abuphindanga baba buhle.

UMbeki uke wangabonakala ezintweni ezithinta i-ANC isikhathi eside, uze waqala ukubonakala ngoba sekuphume owayengumengameli emva kwakhe, uMnuz Jacob Zuma.