Izindaba

Zingabakhalela noma inini abathinteka embikweni kaMadlanga

Sabelo Nsele|Published

Mbuyiseli Madlanga

Image: Dumisani Sibeko/Independent Newspapers

BANGALALA bebaliwe abathinteka embikweni weKhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, obekubhekwe ukuthi udluliselwe kuMengameli Cyril Ramaphosa.

IHhovisi likaRamaphosa lithe ukuthi lo mbiko wesikhashana ngeke unekelwe izwe akusho ukuthi labo abathintekayo ngeke bathathelwe izinyathelo ngokushesha.

Okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, uthe uRamaphosa ufuna ukuthi bathathelwe izinyathelo ngokushesha labo abathinteka embikweni weKhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga.

Umbiko wokuqala wesikhashana bekufanele ulale ngakuRamaphosa, kepha kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaqinisekiswa ukuthi ikhomishini iwulethile ngempela yini umbiko.

UMagwenya usanda kutshela abezindaba ukuthi umbiko wokuqala angeke unekelwe izwe, wathi lokhu kungenxa yokuthi ikhomishini ayikawuphothuli umsebenzi wayo.

"Umbiko ozonekelwa izwe umbiko wokugcina. Asikwazi ukunekela izwe umbiko wesikhashana ngenxa yokuthi kuzosuke kuphazamiseke uphenyo oluqhubekayo. Kunofakazi okusafanele ukuthi babuye bazoqhubeka nokwethula ubufakazi phambi kwekhomishini. Ingakho sithi angeke kube ubuhlakani ukunekelwa izwe umbiko wokuqala ekubeni ofakazi kukhona abasazokusho."

Ikhomishini yanikezwa amandla okuba iphakamise ukuthi kuvulelwe abathintekayo amacala uma ibona ukuthi kunobufakazi obanele.

UMagwenya uthe ukuvulelwa kwabathintekayo amacala angeke kulinde ukuba ikhomishini ize iphothule umsebenzi.

"Njengoba ikhomishini yanikezwa amandla, uMemnagmeli ufuna ukuthi bavulelwe amacala ngokushesha labo okunobufakazi bokuthi baphula umthetho. Akufanele kuze kulindwe umbiko wokugcina noma umbiko wesikhashana."

Ikhomishini yasungulwa emva kokuba uMkhwanazi enza izinsolo zokuthi kukhona izigebengu ezisondelene nosopolitiki eziphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.

Ebufakazini bakhe waninda uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, amsola ngokusondelana nezigilamkhuba.

UMkhwanazi wathi uMchunu wanquma ukuhlakaza ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, ngenxa yokuthi lase linyakazise isidleke semigulukudu esolwa ngokushushumbisa izidakamizwa nokubulawa kwabantu abadumile eGauteng.

Khonamanjalo: Izolo bekunenkonzo yesikhumbuzo yofakazi owethula ubufakazi ngokuyimfihlo phambi kwekhomishini kaMadlanga, uMnuz Marius Van Der Merwe.

UVan Der Merwe wadutshelwa emva kwesikhashana ethule ubufakazi lapho aveza khona inkohlakalo eyayenzeka ophikweni lwamaphoyisa aseKurhuleni.

UVan Der Merwe owayekade eyiphoyisa kulo mkhandlu, ubesenenkampani yabaqaphi.