UMENGAMELI weNFP, uMnuz Ivan Barnes
Image: Independent Media Archives
UMHOLI weqembu elingababeki benkosi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Ivan Barnes, uthi uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, akufanele asheshe ukujabulele ukuphunyuka esiphakamisweni sokungabethembi ubuholi bakhe ebesifakwe yiMK.
UBarnes uthe iqembu lakhe lizophinde lifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu eNFP eMtubatuba, kuleli sonto.
UNtuli uphunyuke esiphakamisweni sokungabethembi ubuholi bakhe ebesilalelwe esiShayamthetho, ngoMsombuluko.
Amalungu amaqembu abusa ngokubambisana IFP, ANC, DA neNFP aphikisane nesiphakamiso seMK nokwenza ukuthi sichithwe.
Amalungu e-EFF amabili kuphela abeseka isiphakamiso seMK enezihlalo ezingu-37 kwezingu-80 esiShayamthetho.
UBarnes uthe ngeke baphele amandla, wathi bazoqhubeka nemizamo yokukhipha uNtuli, wathi bafuna ukuthi uhlakazwe uhulumeni wokubambisana ophethe isifundazwe.
"Njengoba sithe sifuna ukuguqula uhulumeni wesifundazwe ngoba bahlangene ngenkohlakalo, le miphumela yangoMsombuluko, imiphumela yesikhashana. Injabulo yesikhashana. Nangonyaka ozayo sizofaka isiphakamiso sokukhipha iNkatha ne-ANC. Injabulo yesikhashana ayihlali injengomlilo wamaphepha."
Okuqaphelekile ukuthi ilungu leNFP, uNksz Mbali Shinga, liphikise umyalelo weqembu wokuba leseke isiphakamiso seMK.
I-NFP yayikade iyalele uNksz Shinga ukuthi aseke isiphakamiso sokuthi kuchithwe uNtuli.
Ivoti likaNksz Shinga ilona elisindise uNtuli.
UBarnes uthe uzothathelwa izinyathelo uNksz Shinga.
"Akukho muntu wadelela iNFP kwacweba iziziba."
UNksz Shinga unguMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi, iNFP isike yazama ukumkhipha esikhundleni.
Maphakathi nonyaka, ubuholi beNFP babhalela usomlomo, uNksz Nontembeko Boyce, bucela ukuba kukhishwe uNksz Shinga ekubeni yilungu lesiShayamthetho bese kufakwa uBarnes.
UNksz Boyce wasichitha isicelo seNFP ngenxa yokuthi sasingahambisani nemithetho eyengamele ukushintshwa kwamalungu esiShayamthetho.
Mbali Shinga
Image: File
Emva kwalokho, iNFP yabizela uNksz Shinga phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe, uNksz Shinga wathola isivimbelo esinqanda ukuba iqembu limthathele izinyathelo.
Kwasuka uthuthuva emhlanganweni wangoMsombuluko, ngesikhathi amalungu eMK nawe-EFF efuna ukuba kuvotwe ngokuyimfihlo.
Amalungu eMK nawe-EFF azama ukuphazamisa umhlangano, agcine etholana phezulu namaphoyisa ayebizelwe ukuba azolawula isimo.
Wathwala kanzima uNksz Boyce ngesikhathi evinjwa ngamalungu eMK nawe-EFF ayemnqabela ukuthi aphume esiShayamthetho.
KuMasipala waseThekwini, iNFP isebenzisana ne-ANC njengoba uNksz Zandile Myeni weNFP eyiPhini leMeya kulo mkhandlu.
Related Topics: