Izindaba

OweGenerations uveze okushaqisayo ngempilo yakhe

Charles Khuzwayo|Published

U-RONNIE Nyakale udalule obekungaziwa ngaye okwamehlela

Image: SIGCINIWE

YIZE umlingisi uRonnie Nyakale edlale emidlalweni yethelevishini nasemafilimini amaningi kodwa uthi iGenerations: The Legacy iyohlale isenhliziyweni yakhe. URonnie ulingise kwiYizo Yizo 1, Blood Diamond, Machine Gun Preacher nakwiGangster's Paradise: Jerusalema.

Ekhuluma kwi-Radio 702, uRonnie uthe iGenerations: The Legacy iklame enkulu indima empilweni yakhe. Uthe uke waphila impilo emnandi, ekhomba ngophakathi ngenxa yokulingisa indawo kaCosmo Diale kulo mdlalo okhonjiswa kwiSABC 1 phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku.

URonnie (52) uthe abadidiyeli beGenerations: The Legacy bamtakula kakhulu ngesikhathi elahlekelwe yindodakazi yakhe, uKagiso. Uthe uKagiso wazibulala eseneminyaka ewu-18 emuva kokuqeda ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni.

"NgoJanuwari sekumenyezelwa imiphumela, ngathola ukuthi wayephumelele izifundo zakhe ngamalengiso."

Uthe abeGenerations: The Legacy babamba elikhulu iqhaza ekungcwabeni indodakazi yakhe ngesizotha. 

"Ukubizwa kwiGenerations nokusebenza kwaBolt kwangisiza ngoba ngangithola ithuba lokuxoxa nabantu. Ukukhuluma nabantu kwangilapha. Ukube yayingekho iGenerations angazi ngangiyoba yini. Ngisho ngoba bengithi uma ngingenzi lutho, bengingangadli futhi ngingagezi ngenxa yokuzilela umntwana wami."

Uthe uyazisola ngokuzibulala komntwana wakhe ngoba uzibuza ukuthi wayekuphi ngesikhathi indodakazi ithatha lesi sinqumo.

"Ngifana nomuntu owahluleka ukusiza ingane yami ngesikhathi ingidinga."

URonnie uchaze uKagiso njengengane eyayingakaze yahlupha futhi nasesikoleni wayengakaze wabikelwa okubi ngayo.

"Abantu abazi ukuthi kungani iGenerations isenhliziyweni yami. Yingoba ingilwele izimpi zami. Nokushona kwendodakazi yami ngenye yalezo zimpi. Yangingcwabela umntwana wami. Yingakho ngizohlale ngiyikweleta."

Okunye athe bekungaziwa ngabantu ukuthi unenkinga yokuzwa emadlebeni kangangoba ubelokhu ecele ukuphindelwa imibuzo. Echaza uthe eseyingane wawa esihlahleni ngesikhathi babentshontsha izithelo i-apricot.

Eqhuba, uthe ubengenandaba nale nkinga kwaze kwaba abadidiyeli beGenerations: The Legacy bayayiqaphela futhi bamyisa kudokotela. Uthe yinkinga lena athule nayo kwaze kwaba yimanje. URonnie uthe le nkinga yenza nabantu bamhlebe ngisho ebabona ngoba basuke bazi ukuthi unayo.

"Anginankinga nalokho ngoba uNkulunkulu usuke engafuni ngizwe into esuke izongiphatha kabi. Kwesinye isikhathi leyo nto ingenza ngigcine sengiduka lapho ngiqonde khona empilweni."