UZAKES Bantwini ushiye angalazi ngezinga lamaSama
Image: SIGCINIWE
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas). Amakhala aqale ukushaywa ngalo usuku lomcimbi lapho iningi labaculi abawinile belingabonwa nangokhalo.
Kuke kwaba wumzukuzuku kulindwe uKhuzani ukuba azolanda indondo yeBest Maskandi. Nezindondo ezisemqoka eziwinwe nguMthandeni SK, iBest Record of the Year neBest Music Video of the Year, nezithathwe yimenenja yakhe. UGoldmax wodumo kwiDestruction Boyz, uhlabane ngeBest Album, Best Gqom neBest Male kodwa akazilandelanga lezi zindondo. Kanjalo noKabza De Small,Dlala Thukzin noKevin Momo bebengabonwa nangokhalo.
Akugcinanga lapho, ukuwina kukaThandiswa Mazwai indondo yeBest Female Artist kushayise amakhala. Iningi lithe bekufanele inikezwe umculi wamapiano uZee Nxumalo ngenxa yokuthi ushisa izikhotha kulezi zinsuku. Naye uThandiswa uthe bekufanele lendondo ithathwe wuZee Nxumalo ngenxa yamagalelo akhe kulo nyaka.
UZakes Bantwini ukhwele wadilika kulo mqhudelwano obusuwenzeka okwesi-31, wathi awusafani nakuqala futhi sewehlelwe yisasasa kangangoba ubengazi nokuthi bewenzeka ngesonto eledlule.
"Ngiwumculi kodwa bengangingazi lutho ngawo. Akukhona ukuthi ngibudedengu kodwa yilapho sesikhona. AmaSama abesho lukhulu futhi eyiyona yonke into. Manje? Iningi lethu esisendimeni yomculo besingazi ukuthi abenzeka. Sidinga ukukhuluma ngokuthi sifike kanjani lapha."
UZakes uthe akufanele ngabe abantu abaqokwe kumaSama baya konandisa kweminye imicimbi ngoba kufanele ngabe asesezingeni lomqhudelwano wezindondo wase-USA, amaGrammy Awards. Uthe abaculi nabalandeli baqala ukuwangabaza amaSama ngesikhathi sekuwina nanoma wubani, ngisho enengoma engaziwa.
Ubuye wathi akungagxekwa amajaji nabahleli balo mqhudelwano kuphela kodwa nabaculi abazinuke amakhwapha ngoba akukuhle ukungafiki kwabaculi ekubeni beqokiwe. Abanye osaziwayo abashiye abangalazi ngomdidiyeli wezingoma ohlonishwayo ngokuvumbulula uBerita noKwesta, uNhlamulo "Nota" Baloyi, umculi we-Afro soul u-Enzo kanye nomethuli wezemidlalo kwiSABC 1 u-Andile Ncube. Kubuye kwakhalwa nangabebephethe uhlelo uSiyabonga Ngwekazi noPamela Mtanga.
Izinkinga kumaSama aziqali manje, sekunesikhathi zenzeka. Abaculi bakamaskandi uBhekumuzi Luthuli noThokozani Langa bake bahlula kaningi izingwazi zombhaqanga iSoul Brothers kwiBest Mbhaqanga Album ngamacwecwe kamaskandi. Umculi wekwaito uZwai Bala wake wahlabana ngeBest Rap Single ngo-2001 ngomucu wokholo iLifted.
Namanje kusakhalwa ngaleyo ndondo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali ukuphawula kwabamaSama.
UTHANDISWA Mazwai owine izindondo ezine uthe eyeBest Female beyibheke kuZee Nxumalo
Image: SIGCINIWE
ZEE NXUMALO
Image: SIGCINIWE