Izindaba

UMalema uqinise imizamo yokuketula uNtuli

Sabelo Nsele|Published

Julius Malema

Image: Economic Freedom Fighters | X

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ushubise isimo kuhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal, njengoba eyalele amalungu e-EFF esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ukuba avotele isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli. 

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo.

Isiphakamiso esokungabethembi ubuholi bukaNtuli sifakwe yiMK, sizolalelwa ngoMsombuluko. Ngaphambilini, i-EFF yayikade ithe ngeke iseseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli ngenxa yokuthi ayifune lutho oluzoyihlanganisa neMK.

Kodwa izolo, uMalema uveze ukuthi bafuna uNtuli aphume esikhundleni.

UMalema uthe ukweseka kwabo isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli akusho ukuthi baseka iMK.

"Saseka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaZuma (umholi weMK)  ePhalamende esasifakwe yi-DA. Nonke niyazi ukuthi asihambisani ne-DA kodwa saseka isiphakamiso sayo ngoba sasingahambisani noZuma. Ukweseka isiphakamiso akusho ukuthi usuke usuhambisana neqembu elisifakile."

UMalema uthe okwenza beseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli ukuthi iMK iyona efanelwe ukuhola uhulumeni waKwaZulu-Natal.

"I-MK iyona eyathola amavoti amaningi KwaZulu-Natal. Kufanele inikezwe ithuba lokuphatha KwaZulu-Natal. Asinendaba nokuthi iMK inabo yini abaholi abafanelwe izikhundla. Iqiniso ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bayithanda inje iMK."

UMalema unxuse uZuma ukuba abe ingxenye yezingxoxo zamaqembu afuna ukukhipha uNtuli, wathi bona bajube uNobhala Jikelele, uMnuz Marshall Dlamini, ukuba abe yingxenye yezingxoxo.

"Inkinga ngeMK ukuthi nifike nixoxe kahle nabayimele, bese kuba inkinga ukuthi bathole uZuma ukuze kuqedelwe izingxoxo. Kuze kuphele amasonto amabili kusalindwe uZuma. Uma kuwukuthi bazimisele ngempela ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli kuzofanele uZuma azifikele mathupha ezingxoxweni ezizokuba ngempelasonto."

UMalema uthe bazonxenxa i-ANC ukuba yeseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli.

"Uma abaholi be-ANC bengafuni ukukhuluma nathi ayikho into esivimba ukuthi sizikhulumele eceleni namalungu ajutshwe yi-ANC esiShayamthetho."

I-MK inezihlalo ezingu-37 kwezingu-80 esiShayamthetho, i-EFF yona inezimbili.

Amaqembu anezihlalo ezingu-40 uma ehlangene, i-IFP, ANC neDA, aphumele obala athi angeke aseseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli.

Akucaci ukuthi iNFP - enesihlalo esisodwa - ukuthi izovota kanjani yona.

Amaqembu amathathu iMK, IFP ne-DA, azokuba nemibhikisho ngaphandle kwesiShayamthetho ngoMsombuluko.