UMDIDIYELI wamabutho aseKing Cetshwayo, uMnuz Senziwanjani Xulu, obulewe ngabantu abangaziwa ngoLwesine
Image: SIGCINIWE
UKHUZANI ekakwe ngabadidiyeli bamabutho kaZulu njengoba enodwendwe namuhla
Image: FACEBOOK
KUKHALWA nxazonke ngokubulawa ngesihluku kobengumdidiyeli wamabutho kaZulu esiFundeni saseKing Cetshwayo, uSeziwanjani Xulu, ngoLwesine ntambama.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, ukuqinisekisile ukuthi uXulu (64) akasekho emhlabeni emuva kokudutshulwa emgwaqweni uR34 ngaseMaguzulu Park.
"Uphenyo lwamaphoyisa lukhomba ukuthi umufi ubepake imoto yakhe emgwaqweni ngesikhathi abasolwa ababili abangaziwa, ebebehlome beyizingovolo, besondele kuye maqede bamdubula amahlandla amaningi, base bebaleka ngezinyawo endaweni yesigameko," kusho uCapt Ndlovu othe bekungakaboshwa muntu futhi nembangela beyingakaziwa.
Isolezwe lithole ukuthi uXulu uthelwe ngoyaba lwezinhlamvu eziyisishiyagalombili ngesikhathi ebambeke lapho izimoto zingakwazi ukuphambana khona eMacekayi, okuyindawo ephakathi kweShowe neMpangeni.
Umdidiyeli ubemile elandela ezinye izimoto njengoba ziye zime zidedele ezenyukayo kubuye kuvalwe kudedelwe ezehlayo njengoba kulungiswa umgwaqo.
UXulu wazakhela udumo ngokudonsa ngengalo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, maqede wamkhomba indlela emcimbini owawuseMadlebe, eNkosini uZenzo Zungu eMpangeni. Ebuzwa ngokwenza waxosha uNgizwe kulo mcimbi, uXulu wathi wayemphephisa emabuthweni ayefuna ukumudla amfele emuva kokuba egxeke amakhosi akhonza ebandleni lakwaShembe.
Umlingisi weShaka Ilembe futhi ongumdidiyeli wamabutho KwaMandlakazi, uNkosikhona "Phakelumthakathi" Ndabandaba, ungomunye wabadlulise amazwi ngokudlula emhlabeni kukazakwabo.
"Kodwa bafowethu lezi zibhamu zikhanda liphi izwe ngempela? Ubulala indoda endala kangaka ngesibhamu kubhekwe kuKhisimusi, kuyisikhathi semindeni nenjabulo. AbakwaXulu kuzofanele beyilwele le nto, bethole umyombo," kuphawula uPhakelumthakathi.
Ngaphandle kokuba umdidiyeli wamabutho, uXulu ubebuye abe yisishoshovu samalungelo ezinduna ezinsizwa nabadidiyeli bamabutho. Kwenzeka lokhu nje, uXulu ubengomunye wabadidiyeli bamabutho kaZulu abebevakashele uKhuzani Mpungose ngoDisemba 4, ukuzozwa ngezinhlelo zodwendwe lwakhe olunamhlanje.