ZEE Nxumalo
Image: SIGCINIWE
NGALE MPELASONTO kuphela amaphupho emiqhudelwaneni eminingi okuqhathwe kuyo amaciko. Namhlanje ebusuku kuzobe kumenyezelwa ezinkundleni zokuxhumana amaciko azodlana imilala kumaSouth African Music Awards (Sama).
Phakathi kwabaqokiwe kubalwa uKhuzani Mpungose, Phuzekhemisi, Mthandeni SK, Mafikizolo, Melusi Mbokazi, Ayanda Ntanzi, Nontokozo Mkhize, Ntencane, Imithente, Betusile nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe wuSiyabonga "Scoop Makhathini" Ngwekazi noPamela Mtonga. Khona namhlanje zidlana imilala kwi-Indoni Miss/Mr Cultural eRichmond Sports Complex, kwaMagoda, eRichmond kusukela ngo-9 ekuseni.
Kuzoqala ngomviliyelo wabaswenke ngemvunulo yesintu. Ngo-12 emini kuzobe sekuqala umbukiso ozobe usubanjelwa e-Eco Village, lapho kuzoba nomcimbi omkhulu okuzoqhudelana kuwo amaqembu ahlukene engoma aqhamuka ezizweni ezingu-12, nazobonakala ehlobe ngemvunulo yalapho eqhamuka khona.
Ngabo-4 kuzobe sekuqhudelana izintokazi nezinsizwa ezizobe zimele izizwe zakuleli kubangwa isicoco seNdoni Miss/Mr Cultural SA. Uhlelo lwalo mcimbi luzobe luphethwe wusonkondlo uLebo Mashile.
Khona futhi namhlanje wuqhude manikiniki kumaPraise Achievement Awards abanjelwe ePerez Dome Dzowrulu e-Accra, eGhana ngo-4 ntambama. Amehlo abantu bakuleli, ikakhulukazi baseKZN, azobe ethe njo emunxeni weBest Artist of the Year - Africa ngenxa yokuthi kuqokwe imizwilili yaseKZN, uNtokozo Mbambo, HLE noXolly Mncwango.
NgeSonto kuMzansi Magic (DStv Channel 161) kuzomenyezelwa ozodla umhlanganiso emqhudelwaneni iSupersport MVP Talent Search kusukela ngo-9 ebusuku.
Umsakazi weGagasi FM, u-Ayanda Nyuswa (29) waseMzinto, omele iKwaZulu-Natal, uzobe edlana imilala kwiTop 10 yalo mncintiswano noBongi Mgoqi, Christopher Tarr, Delucia Daniels, Lennox Wasara, Relebogile Mabawa, Yvette Mhlauli, Anelisa Jaxa, Angel Thekiso no- Atang Swaartbooi.
EMgungundlovu kuzobe kuhlephuka imbadada kwi-One South Africa Maskandi Music Festival esePietermaritzburg Showgrounds ngeSonto ngo-12 emini. Kuzobe kusina kudedelana uMthandeni SK, uMafikizolo, Menzi, Mjolisi, Nkeshemba, Ushuni Wasemzini, Isichaka Esiziqhenyayo, Jomba, Ama-C.O.D aseMgungundlovu nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe wuZweli Shelembe, Celi Magwaza nabanye. Amathikithi abiza u-R200 no-R500 eSpar naseTicketPro.
NgoMsombuluko ziyahephana kwiDlala Thukzin: Soundland Superdome eSuncoast PlayTsogo Globe eThekwini kusukela ngo-2 emini. Kuzobe kunandisa uDJ Maphorisa, Kabza De Small, Destruction Boys, Oscar Mbo, FunkyQla, Jnr B nabanye. Amathikithi atholakala eWebtickets.
MTHANDENI SK
Image: SIGCINIWE
KHUZANI
Image: SIGCINIWE
MAWHOO
Image: SIGCINIWE
SJAVA
Image: Sigciniwe
MAKHADZI
Image: SIGCINIWE