UMDIDIYELI wamabutho kaZulu, uMnuz Senziwanjani Xulu, ubulawe ngesihluku
Image: FACEBOOK
BASAGCWELE amathafa abasolwa ngokulalela unyendle umdidiyeli wamabutho kaZulu esifundeni iKing Cetshwayo, uSenziwanjani Xulu. Isolezwe lithole ukuthi uXulu uthelwe ngoyaba lwezinhlamvu eziyisishiyagalombili ngesikhathi kune-stop & go emgwaqweni uR34 eMacekayi, okuyindawo ephakathi kweShowe neMpangeni ngoLwesine ntambama.
Ngokusho komthombo umdidiyeli ubemile elandela ezinye izimoto, njengoba ziye zime zidedele ezenyukayo kubuye kuvalwe kudedelwe ezehlayo njengoba kulungiswa umgwaqo, kuvele kwathushuka abesilisa ababili badedela intululwane yezinhlamvu bebhekise kumfufi maqede wadlula kanjalo endaweni yesigameko.
UXulu wazakhela udumo ngokudonsa ngengalo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu maqede wamkhomba indlela emcimbini owawuseMadlebe, eNkosini uZenzo Zungu eMpangeni. Ebuzwa ngokwenza waxosha uNgizwe kulo mcimbi, uXulu wathi wayemphephisa emabuthweni ayefuna ukumudla amfele emuva kokuba egxeke amakhosi akhonza ebandleni lakwaShembe.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakatholakali ukuphawula kwamaphoyisa aKwaZulu-Natal.