Izindaba

Kukhalwa ngabafaka uShembe ezinkundleni zokuxhumana

Charles Khuzwayo|Published

UNYAZILWEZULU lukhala ngabasabalalisa izithombe ezinkundleni zokuxhumana

Image: SIGCINIWE

UMHOLI wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, iNkosi Mduduzi "Unyazilwezulu" Shembe, usekhiphe umyalelo ovimba amalungu aleli bandla ukuba anameke izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Isolezwe lithole ukuthi Unyazi lufuna kuthathelwe izinyathelo bonke abazobonakala bekhangisa ngezithombe zalo, ikakhulukazi kwiFacebook.

Izithombe nama-video asuse kakhulu umsindo yilapho kubonakale khona Unyazi luguqe noMengameli weCAF, uMnuz Patrice Motsepe, labonakala lingena ezitolo, labonakala lugiya ememulweni wendodakazi yalo. 

Okhulumela leli bandla, uMnuz Thokozani Mncwabe, uziqinisekisile lezi zindaba, wathi okucasule kakhulu uNyazi yizithombe nama-video alo avezwa kwiFacebook. "Njengamanje inkinga ikwiFacebook. AmaNazaretha afaka yonke into."

UMncwabe unxuse ukuba amaNazaretha asike iphethini kubazalwane bebandla iZion Christian Church (ZCC), okuyibandla elasungulwa nguMbhishophi u-Engenas Ignatius Lekganyane. 

"KwiZCC (kaMbhishophi) Barnabas Lekganyane abavezi noma yini ezinkundleni zokuxhumana. Isephathini iNkosi uNyazi, bayayiveza. Izokhululeka kanjani ngoba ekugcineni siyahlekwa koFacebook? Njengoba (iNkosi) iza eMlazi mhla ka-17, okuwusuku lukaMari, bazoveza nokungavezwa," usho kanje.

UMncwabe uphakamise nokuthi kuvalwe nomakhalekhukhwini esontweni njengasekuqaleni. "Bahlulwa yini ukuveza izingane zabo namakhosikazi abo nemizi yabo?" UMncwabe uthe abazoqhubeka nokuveza Unyazi ezinkundleni zokuxhumana bazobikwa kubaphathi babo ukuze bathathelwe izinyathelo ezinqala. 

"UMbhishophi Barnabas unabalandeli, liyabhubha. Akubona abantu labaya. Uma ungase uye eMoria, ungakhexa kodwa abaziphakamisi. Ngubani lo koFacebook esimtsakelayo? Sizozuzani ngokufaka iNkosi ezinkundleni zokuxhumana? Kwala ngisho umuntu evakashile esontweni, engezile ngokuthize, bafaka kwiFacebook. Kusisiza ngani ukuvakasha komuntu oyisikhulu?  Nabazokhankasa siyabafaka sibe sazi ukuthi abayingeni indaba yethu, bafuna ivoti."

Sekukaningi uNyazi lukhala ngalo mkhuba wokuvezwa kwezithombe zalo, luze luthi abanye bathuka abantu bebebecashe ngezithombe zalo. Laze labuza ukuthi abantu abasebenzisi ngani izithombe zabo noma zabazali babo uma bethuka abantu?

UNYAZILWEZULU lukhala ngabaveza izithombe zalo ezinkundleni zokuxhumana

Image: SIGCINIWE

KUKHALWA ngabafaka uShembe ezinkundleni zokuxhumana

Image: SIGCINIWE

INKOSI uMduduzi Shembe (UNyazilwezulu) waseBuhleni, ikhala ngabayiveza ezinkundleni zokuxhumana

Image: Sigciniwe