UKHUZANI emukela isamba sikaR50 000 kuBonnie Ngubane noWelile Mchunu
Image: FACEBOOK
KUZONANDISA abaculi baseNkabi Records emshadweni womculi kamaskandi uKhuzani "Indlemlenze" Mpungose endaweni yaseMandaba, eNkandla, ngoMsombuluko. Isolezwe lithole ukuthi uKhuzani ugcagcelwa yintokazi yakwaMathenjwa eManyiseni, KwaMhlabuyalingana.
Umnikazi wale nkampani, uSiyabonga "Big Zulu" Nene, uthe yindlela aphekisa ngayo uKhuzani emuva kokubona nabanye abantu belokhu bethelekile eMandaba nezipheko ezihlukahlukene.
"Ngicabanga ukuthi obhuti abadala sebekwenzile okuningi. Ngicela mina Gazi (esho kuKhuzani) ukuthi ngikuphekise ngeNkabi Records yonke kanye noNdodakazi njengoba wawucelile ukuthi ufuna ukushadelwa ngeLilizela. Siyabonga gazilami, asibonane ngosuku."
Selokhu kuqale leli sonto, izipheko zilokhu zitheleke njalo eMandaba. Kuqale umsakazi woKhozi FM watheleka nenkomo.
Kube sekulandela umhleli weMpucuzeko Maskandi Festival, uXolani Mcineka kanye nosomabhizinisi uMzobe noMaliyavuza.
Usomabhizinisi uMavava Sikhakhane noVezokuhle Nala weMathole Funeral Services baphekise ngeziphuzo zika-R200 000, izinkomo ezintathu neziklabhu eziyisishiyagalombili. Usomabhizinisi uBonnie Ngubane noWelile Mchunu bakhiphe isamba esingukheshi u-R50 000.
UNzuzo noK Wabantu bafike nezinkomo ezimbili, izikhulu zakaMasipala waseKing Cetshwayo zikhiphe namaguqa amabili, umnikazi wenkampani Izingane Zoma Music, uShobeni Khuzwayo, ukhiphe izinkomo ezintathu, usomabhizinisi uMsimang uphekise ngengangamela yenkomo, uXamxakekile Dlamini waseBabanango, ukhiphe inkomo. UMsakazi Ongadumile utheleke namakesi kabhiya angu-10, othisha basesikoleni ayefunda kuso, iSibhakabha Combined, bakhiphe isiklabhu, umculi kamaskandi, uMafikizolo, ukhiphe inkomo, uYenziwe Ndimande weBig 5 Music Festival ukhiphe inkomo, uThemba Mpungose - umphathi weNew Syllabus Driving - ukhiphe inkomo, uXulu waseNkosi Mtubatuba uphekise ngenkomo, uMthethwa wakuMasipala wseMthonjaneni uphekise ngenkomo. Abanye abaphonse itshe esivivaneni uSiphiwe "King Zoso" Ntombela ophekise ngamaphasela osawoti, oPotso Ngobese waMavikelambuso nabanye
Ezibongela uKhuzani uthe: "uthando olungaka engilukhonjiswa ngabantu bakaNkulunkulu, ngithi ngiswele imilomo eyizinkulungwane... Ukwanda kwaliwa umthakathi, ngithi nje ngiyabonga... UNkulunkulu ngicela angibongele, akwenele okwami ukubonga."
UKhuzani uzokuba nomshado omhlophe namhlanje endaweni yomntakabani eHowick.
UKHUZANI emukela utshwala kuVezokuhle Nala noMavava Sikhakhane
Image: FACEBOOK
UNZUZO Mthethwa noK Wabantu bezophekisa ngezinkomo kuKhuzani
Image: FACEBOOK
UKHUZANI emukela amakesi kuMsakazi Ongadumile
Image: FACEBOOK