Izindaba

Ibhodi leNgonyama lisabisa ngokufaka ungqongqoshe enkantolo

Sabelo Nsele|Published

UNGQONGQOSHE wezoMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zasemaKhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontso, kade ehlangene neSilo uMisuzulu kaZwelithini

Image: SITHUNYELWE

IBHODI lesikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust, lisabisa ngokufaka enkantolo uNgqongqoshe wezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontso, uma eqhubeka nezinhlelo zokulimisa emsebenzini.

IPhini likaSihlalo webhodi, u-Advocate Linda Zama, lithe uNyhontso akanawo amandla okumisa emsebenzini ibhodi. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eThekwini, izolo.

UNyhontso ubhalele ibhodi eliyalele ukuba limnike izizathu zokuthi kungani kungafanele alimise emsebenzini, walinika umnqamulajuqu wakusasa ukuba liphendule.

U-Advocate Zama uthe asikho isigaba somthetho esinikeza uNyhontso amandla okuba amise ibhodi.

"Sikulungele ukubhekana nongqongqoshe uma eqhubeka nalesi sinyathelo sakhe esingekho emthethweni. Sizomfaka enkantolo ngoba kuyobe uphazamisa ukusebenza kwebhodi elenza umsebenzi wezizwe zamakhosi akwaZulu."

U-Advocate Zama uthe akakungabazi ukuthi inkantolo izofike ivumelane nabo.

 "Uma kunamacala ngiyaye ngithi kusuke kungu-50/50, kusuke kungenzeka noma yini. Kodwa kulokhu nginesiqiniseko sokuthi sizoliwina icala. Abamlulekanga kahle ungqongqoshe."

Isikhulu esiphezulu kwiNgonyama Trust, uMnuz Siyamdumisa Vilakazi, sithe ubamangazile umyalelo kaNyhontso.

UVilakazi uthe uNyhontso usanda kuncoma umsebenzi owenziwa yibhodi emhlanganweni owawungo-Okthoba.

"Wathi ikomiti lasePhalamende lijabule ngomsebenzi owenziwa ileli bhodi, wathi ufisa liqhubeke futhi uyezwa nje ukuthi kunabantu abathi ufuna lihlakazwe ibhodi ngoba aliqokwanga uyena, wathi abantu abazikhulumelayo nje laba abasho lokho."

UVilakazi uthe uNyhontso wake wakhipha umyalelo wokuba amalungu ebhodi asule ezikhundleni, wakhipha lo myalelo emhlanganweni wokuqala awubamba namalungu ebhodi emva kokuqokelwa esikhundleni ngasekupheleni konyaka owedlule. 

"Isizathu asibekayo ukuthi ingoba nakhu ibhodi elikhona aliqokwanga uyena. Wanikeza amalungu ibhodi izinsuku eziyisikhombisa ukuba asule."

UVilakazi uveze ukuthi baqhubekile nomhlangano wezinsuku ezintathu owaphazamiseka emva kokuba kuvele ukuthi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, asiwubusisanga.

Izindaba zokuthi iMbube ayiwubusisanga umhlangano wangoMsombuluko, zavezwa uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, owayekhuluma kulo mhlangano owaqala ngoMsombuluko.

Emva kwenkulumo kaButhelezi amanye amakhosi aduba umhlangano, uNyhontso naye wayalela izikhulu zomnyango ukuba ziwushiye.

UVilakazi uthe amanye amakhosi aqhubekile nomhlangano osongwe izolo, eNkosi Albert Luthuli Convention Centre.

"Saphazamiseka ngoMsombuluko kodwa sikwazile ukuqhubeka nomhlangano, sathatha izinqumo ezinqala."

UVilakazi uthe iMbube yayazisiwe ngomhlangano. Uthe bathumela incwadi nge-email, baphinde futhi bathumela amalungu ebhodi amabili ukuba ahambise incwadi.