ABAHOLI bethimba lesikhashana le-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu noMnuz Jeff Radebe
Image: Supplied
UBUHOLI be-ANC buzoqhubeka nombhidlango wokwakha kabusha inhlangano KwaZulu-Natal.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bazoqinisa ubuholi benhlangano esifundazweni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abebehambele ingqungquthela yenhlangano, iNational General Council (NGC), eqhubeka eGauteng.
I-ANC yanquma ukuhlakaza ubuholi bayo KwaZulu-Natal emva kokwenza kabi okhethweni lukazwelonke lwangonyaka owedlule.
I-ANC yasuka ekutholeni u-54% okhethweni lwango-2019, yathola u-17% okhethweni olwedlule.
Yize kunethimba elisha elaqokwa ukuba lihole i-ANC KwaZulu-Natal, le nhlangano iyaqhubeka nokuhlulwa ezinkethweni zokuchibiyela.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe bazoqhubeka nombhidlango wokwakha kabusha izinhlaka ze-ANC KwaZulu-Natal.
"Asihlehli, siyaqhubeka nalowo msebenzi. Kukhona lapho sizoqinisa khona. Uma ngingenza isibonelo nje, sizoqinisa lapha ebantwini esibajube esifundazweni. Kuningi esizokwenza esifundazweni."
UNkk Bhengu-Motsiri uthe isimo se-ANC KwaZulu-Natal sidinga ukusukunyelwa.
"Sesibonile ukuthi yini okufanele siyenze nokuthi ikuphi okusibeka engozini. Kufanele sisho ke nokuthi sijabule ngomsebenzi owenziwa abaholi abajutshwe ezikhundleni KwaZulu-Natal."
Ingqungquthela ye-ANC ingene osukwini lwesibili izolo, lapho khona kuqale amakhomishini abhunga ngezihloko ezahlukene.
Phakathi kwezihloko okuzokhulunywa ngazo kubalwa isinqumo sedlelandawonye, iSACP, sokungenela ukhetho ngokuzimela, ubudlelwano be-ANC namaqembu ebambisene nawo kuhulumeni wokubambisana nesimo sezezimali.
Umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC uthathe isinqumo sokuthi amalungu e-ANC engabe esavunyelwa ukuba abe nobulungu be-SACP.
Phambilini, amalungu e-ANC abevumelekile ukuba abe nobulungu beSACP ngoba amaKhomanisi abekhankasela i-ANC ezinkethweni.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe amalungu esigungu esiphezulu anqume ukuthi kuhlukane inhloko nesixhanti.
"Asikwazi ukuhlala nabantu abazobuye basijikele kusasa uma sekukhankaselwa ukhetho."
Amalungu e-ANC awaboni ngaso linye ngodaba lukahulumeni wokubambisana njengoba kukhona aphikisana nokufakwa kwe-DA.
I-ANC iphinde ibhekane nenkinga yezezimali njengoba ihlulekile ukuholela abasebenzi.
UNkk Bhengu-Motsiri uthe inkinga yemali ababhekene nayo ikhombisa ngokusobala ukuthi i-ANC ayikhohlakele.
"Ukube kuthiwa i-ANC inhlangano ekhohlakele ngabe sesitape imali kahulumeni sakhokhela abasebenzi. Le nto iyakhombisa ukuthi akuyona inhlangano ekhohlakele kodwa abantu nje abathize abakhohlakele."
Related Topics: