ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini
Image: Facebook/ INdlunkulu kaZulu
KUBHUNTSHE umhlangano wezinsuku ezintathu wesikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust, emva kokuvela kokuthi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, esingusihlalo webhodi leNgonyama Trust, besingawubusisanga.
Amakhosi, izinduna kanye nezikhulu zoMnyango wezoMhlaba kanye nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ziwushiye phakathi umhlangano ngosuku lokuqala emva kokuba kuvele ukuthi iMbube ayizange yaziswe ngalo mhlangano obuseNkosi Albert Luthuli Convention Centre izolo.
UNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe iMbube kanye noNgqongqoshe wezoMhlaba kanye nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontso, bebengatshelwanga ngomhlangano wayizolo.
UButhelezi uthe okushaqise iMbube kakhulu ukuthi kubizwe umhlangano wayizolo ekubeni kunezikhalo zayo ngokusebenza kwebhodi ezingakaxazululwa.
ISilo sabhalela uNyhontso, sikhala ngokuthi ibhodi alifuni ukusamukela njengosihlalo walo, saze sabiza nembizo eyabhunga ngalo mbango.
"ISilo singithumile ukuba ngiveze ukweshaqeka kwaso ukuthi sekungakhulunywa izindaba ezinkulu kangaka, kube nezihloko ezimnandi kangaka ezibekelwe izinsuku ezintathu kungakaze kudlulwe kulezi zindaba esilokhu sikhuluma ngazo. Sekungangenwa kukhulunywe ngezindaba ezinkulu kangaka, kukhulunywe ngekusasa leNgonyama Trust, amakhosi engakaze anikezwe ithuba lokuba aphawule ukuthi athini ngalezi zinto ebezilokhu zivezwa yiNgonyama."
UButhelezi uthe namanje abazi ukuthi ibhodi leNgonyama Trust liwuhlele kanjani umhlangano lingakhulumile neMbube.
"Ukube iSilo besihlonishwa njengekhanda leNgonyama Trust, ngabe kuxhunywane kahle, ngabe umoya wokuzwana ukhona, ngabe sizokhuluma izindaba ezithinta amakhosi ngendlela eya phambili. Manje sizokwakhela phezu kwamabibi."
UButhelezi uthe uNyhontso uyalele zonke izisebenzi zomnyango wakhe ukuba ziwushiye umhlangano.
"Ngixhumene nongqongqoshe namhlanje ekuseni, sikwazile ukukhuluma imizuzu engamashumi amabili nambili. Ungqongqoshe uthe lo mhlangano olapha akawazi wabe esengicela ukuthi ngikusho uma sengethula amagama eSilo ukuthi yena lo mhlangano akawazi."
UButhelezi uthe uNyhontso ufuna ukuqala uphenyo ngokusebenza kwebhodi.
UButhelezi uthe uNyhontso uhlela ukuwanikeza ikhefu elikhethekile amalungu ebhodi uma sekuqale uphenyo oluzoholwa uqweqwe lommeli, u-Advocate Marumo Moerane.
"Kuyasijabulisa ukuthi uNyhontso uyazisukumela izikhalo zamakhosi. IMbube ibilokhu ikhala ngokusebenza kwebhodi kule minyaka emine eyedlule. Sinethemba lokuthi lolu phenyo luzokwelekelela ekutholeni iqiniso."
Amakhosi nezinduna ebezihambele umhlangano ziwushiye, zathi ngeke ziqhubeke nokubamba umhlangano ongabusiswanga iMbube.
Okhulumela ibhodi leNgonyama Trust, uMnuz Simphiwe Mxakaza, uthe basazohlanganisa amakhanda.
Related Topics: