Izindaba

Iyashuba ingxabano kaZimdollar noNombuso kubangwa amakhasimende

Charles Khuzwayo|Published

U-ZIMDOLLAR Biyela utholane phezulu nabanga naye amakhasimende, uNombuso, beficana ebhilidini abasebenzela kulo

Image: SIGCINIWE

IYASHUBA ingxabano phakathi komsakazi woKhozi FM, uZimiphi "Zimdollar" Biyela nentokazi abanga nayo amakhasimende, uNombuso (isibongo esingatholakalanga). Ekuqaleni kwaleli sonto, kuke kwashoda ozogadla phakathi kukaZimdollar noNombuso ngesikhathi behlaselana ebhilidini elisenkabeni yeTheku, lapho bedayisela khona imikhiqozo ehlukene.

Indaba yaqala ngesikhathi uZimdollar edalula ukuthi uNombuso umphuca amakhasimende futhi uzibiza ngaye kuwo. NgoMsombuluko, uZimdollar uvele ezinkundleni zokuxhumana exabana noNombuso, ethi ufuna abantu bambone umuntu omphuca amakhasimende. Ubebuza uNombuso ukuthi kungani ezenza yena ekubeni emubi?

UZimdollar uthe uNombuso usindele ukuthi ungumsakazi woKhozi, ukube ubengesiye ubezombhonya kanzima, wathi uNombuso uzenza yena kangangoba useze agqoke izingubo ezifana nezakhe.

Eziphendulela uNombuso, uthe benoZimdollar babanga amakhasimende.

Uchaze uZimdollar njengomuntu onomona ngenxa yempumelelo yakhe. Uthe yena waqala ukudayisa ngo-2013, ekubeni uZimdollar eqale ngo-2024. Ubuze ukuthi wayekuphi uZimdollar yena ethenga izimoto nemizi? UNombuso uthe uZimdollar owamfica edayisa kangangoba waze wabika uZimdollar kumasitende.

"Waze watshela umasitende ukuthi yena uzohamba kuleli bhilidi ngoJanuwari 2026."

UNombuso uthe akunamakhasimende awantshontsha kuZimdollar kodwa wuZimdollar ohlulwa ukumelana nenselelo ngoba amakhasimende athenga kuZimdollar, abuye athenge nemikhiqizo yakhe. 

"Lo sisi othi ngintshontsha amakhasiemdne akhe uyahlukumeza. Uhlezi njalo efuna sonke sizwe ngaye."

UNombuso uthe uZimdollar wake wamsabisa, wathi ngamanga ukuthi uzenza uZimdollar njengoba yena kade aqala ukuswenka ngoba uyintokazi eyiqhathanzipho.

UNombuso uthe konke okwenziwa wuZimdollar kuye uhlale ebatshela abaphathi bebhilidi ngakho ngoba akusiye obiza amakhasimende kaZimdollar kodwa azizela wona.  

UNOMBUSO noZimdollar ababanga amakhasimende

Image: FACEBOOK